SHEILA MHLONGO
Sengineminyaka eyisthupha ngigxile kulomkhakha waka film kodwa into engihluphayo ukuthi ngibona engathi akuyeki phambili njengokuba lento yakwa film ayikho kakhulu endaweni yase Mzumbe engisholo ukuthi ayigqamile njengobuciko bomculo.
Sengizame ngokusemandleni ukuthi ngisebenza ngokuzimisela futhi umsebenzi wami uyafika kubantu base South Coast yonke kodwa kungathi bambalwa abantu abayesekayo lento yeFilm kanti isifiso sami akukhona nje ukuduma kubantu kodwa ukubona abantu umhlaba wonke bengeseke baphinde bangikhuthaze ngoxhaso ngoba yonke lendlela idinga izinsiza kusebenza eziyiquality ay umcacamezelo.
Imisebenzi esiyenzile emikhulu ingu-4 kanye neminye emifishane engabaleki. Izihloko zemisebenzi yami: SKHOHLAKALI, INDODANA, YAMIIQINISO kanye ne-ISONO SAMI. Kanti khona omunye ozayo omkhulu ungakwapheli lonyaka isihloko sawo sithi: “ILIFA LIKATATA SHORT FILM”. Ngifisa ukuthola ukwesekwa nanoma ubani ofisa ukubona umuntu omusha eyaphambili nosiza abantu abasha ngoba kulelizwe esiphila kulo kubi kakhulu.
Ofisa ukuxhumana nami WhatsApp/Calls: 076 562 0688, Facebook: CM Chef Mlurh.

