SHEILA MHLONGO
Kulonyaka ka-2025 ngihlele izinto eziningi kakhulu engifisa ukuzenza. Okokuqala ukwenza u Music video omuhle kanye nama Radio interviews kulezi iziteshi ezinkulu kanye nawo ama Local radio stations njengoba kukhona ingoma esisebenze phezu kwayo – Igama layo u #UDALI ngisebenze nama artists adume kakhulu, Triple S and Rabza ft Aubrey Qwana, Qwabetwins, Koba Sings and Golden Heart.
Kulonyaka ka-2025 ngihlele ukusebenza ngokuzikhandla ekudayiseni umculo wami futhi nokwenza ama Features amaningi namanye amaciko angakuthakasela ukusebenza nami futhi okunye ngingajabulela kakhulu uma ngingathola uxhaso (sponsorship) lwe Studio equipment ukuze umsebenzi uyephambili futhi kube lula nokwenza izingoma kanye nama Music videos.
Okunye ngisezinhlelweni zokwenza u Music video wayo lengoma ‘UDALI’ njengoba ngikwazile ukusebenzisana namaciko asezakhele udumo oluhle emculweni okungu Aubrey Qwana, Qwabetwins.
Kulonyaka ngifisa ukuqhubeka ngisebenze nawo wonke amaciko ebengibambisene nawo onyakeni odlule ka-2024 okungu : Mvelokazi Mbokazi, Koba Sings, Sabelo Ntusi, Golden Heart, Qwabetwins, Rabza, 95_visuals, Desong, Snyper and Bhudda.
Onyakeni ophelile 2024 ngifundile ukubekezela ukuthi uma ubekezela futhi usebenza ngokuzikhandla amanye amaciko ayakuhlonipha futhi bayakuthakasela ukusebenza kanye nawe.
Okunye ukuthi noma ngabe imali awunayo kodwa uma uhlonipha amanye amaciko futhi umsebenzi wakho umuhle uyakwazi ukusebenza nanoma ubani futhi leyo project ibe impumelelo.
Ngingathanda ukuth bonke abalandeli ami belindele ingoma esazoshisa ikhotha #UDALI – Triple S and Rabza ft Aubreyqwana x Qwabetwins x Koba Sings x Golden Heart futhi angigcini lapho bephinde belindele no Music video ngisezinhlelweni zokushutha maduzane.
Zikhona nezinye ingoma esisebenza phezu kwazo – UMONA – Mvelokazi ft Triple S and Danki Thobzin. Okuyizingoma esisezinhlelweni zokwenza ama music videos azo.
Izingoma ziyatholakala kuma Digital platforms and YouTube. Uma ngabe uyidinga ku YouTube phansi kwe channel ye Next step Entertainment. Kanti Kuma digital platforms, Distrokid, Spotify, apple music and Amazon music : ungabheka Lezi ingoma (SILOKAZI, SANGENA, UDALI, S’HAMBA PHANSI) futhi ukhona umsebenzi wami odlala kumabona kude kulama channels : channel O, MTVBASE and TRACE Africa.
Ngiyatholakala: 084 686 0804, Facebook : Triple S Yawayinda, Instagram : @yawayinda naku Tiktok : triple_s_yawayinda.

