SHEILA MHLONGO
Ilale esinqawunqawini (kwaMashu) inkomishi yonyaka i-Best Field Reporter (print ) odle umhlanganiso kulomncintsiswano uNomthandazo Marathon Magoso lapho ebekuqhathwe khona laba abalandelayo: U-Zamokuhle Mntambo, Msasazelwa Mntambo, Nomthandazo Marathon Magoso no Norma Duma.
Lomcimbi obuhlelwe uZinhle Cebekhulu ngaphansi koMzansi Community Media & Creative’s obuse-Balmoral edolobheni eThekwini ube yimpumelelo ngendlela eyisimanga. Lomcimbi ubuseqophelweni eliphezulu kanti ubuhanjelwe abakwa ECasa, abakwaTelkom abanikele ngezipho kulabo abangaphumelelanga, abakwa- Coca-Cola abanikele ngekhulabhokisi ebigcwele izipho zakwa Coca-Cola kubonabonke abadle umhlanganiso ngesandla sika Slindokuhle Mahlangu.
Zinhle Cebekhulu ongusihlalo ukuqinisekisile ukuthi lomcimbi awugcini njengoba ubungaqali kodwa sekongowesibili.

