UMathetha Kamnandi wase-EC ufisa ukunqoba kowe-KZN AWARDS 2025

SHEILA MHLONGO

Ngingu mculi kamaskandi ozimele ongena nkampani  ngingowase-Eastern Cape Tsomo  isigodi engivela kuso Imbulu, ukucula ngaqala ngo-2020  nge- Ep eyayithi “Sorry Mama” kulonyaka ka-2025 ngifisa  ukuzibona ngingumculi kaMaskandi owaziwa kwi nkalo zonke zaseMzansi njengoba ngingenele nemincintiswano namanye ama-Artists ahlukene ngezindawo ngezindawo nge njongo yokubona amandla emculweni njengamaciko asakhula endimeni.

Kulonyaka izinhlelo zami  ukukhipha  Extended player(EP) nokwenza video ngengoma yami yonyaka odlule ethi “ematarven” edlala kakhulu ezinkundleni zoxhumana. Ngifisa  ukusebenza nama-NND okuyiqembu laMaskandi . Izifundo engizifundile kulonyaka ophelile  ukuthi umculo wakho ukuze usebenze uyawuphakamela wena mculi uwufake ebantwini  uhambele nama Rank usabalalisa umculo wakho .

Abalandeli bami kulonyaka abalindele Ep yami ezoshisa izikhotha enezingoma ezinhle  zokungenela kwami competition ye-KZN Namuhla Award kungenzeka ngibengomunye wamaqhawe azoqopha umlando ngokuwina indondo  ye- Best New  Comer engiyingenelele njengoba  benze kahle kakhulu ukuvota bebonisa ukungiseka.

Abalandeli bami ingoma zami uma uzifuna ziyatholakala kuma digital platforms  onke . Abafisa ukuxhumana nami WhatsApp / Call:  073 869 0967,  facebook: Mathetha Kamnandi   naku Tiktok : Mathetha Kamnandi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *