Imbongi Mfanafuthi Shange osezakhele ugazi kwabaningi ithembisa lukhulu

SHEILA MHLONGO

Ngidabuka endaweni yakwa Dumisa (South Coast). Ngizalelwe kuyo lendawo yase Mzinto nalapho ngiqale khona imfundo yami  e Vukaphi Primary  School. Ngadlulela emabangeni aphezulu Sizophumelela  High School , lapho waphothula khona umatikuletsheni. Njengembongi angizange ngalithola ithuba lokuqhubeka nemfundo ngenxa yokungabi khona kwezimali.  Ukubhala izinkondlo ngiqale ngonyaka ka-2008 ngifunda e Sizophumelela. Uthando lonke lobuMbongi , ukubhala laqala lakhula kakhulu. Inkondlo engaqala ngayo ukubhala yayithi “isigqebhezana mehlo ami”.  Lenkondlo yangivulela amathuba amahle.

Akugcinanga lapho ngalenkondlo ngaze ngagcina sengixhumana no Siyabonga Nxumalo kanye no Ayanda Mchunu bashicilela  incwadi ngonyaka-2021 esihloko  sithi: ”Kuyosa”. Uma imbongi ibhala ifikelwa imizwa ethize , ijule bese ikhipha uju lwenkondlo.  Mayelana nezingqinamba ezikhona kulomkhakha  angizishayi ndiva.  Anginaso isikhathi sokukhutshwa izimo ezingifice kulendima. Kepha ngibheke phambili lapho ibheke khona.

Angeke ngikhohlwe  ukubonga  ubhuti Siyabonga Nxumalo no Mhlonishwa A.N. Zibani noBrian Smile nabanye ibona abadlala indima ekubhaleni kwami  nokungikhulisa ekuqhakambiseni ulimi lwakithi.  Sengihambele imicimbi eminingi ngakho ukuhaya izinkondlo. Ngibonga ukubambisana namalunga omphakathi walapho engizalwa khona, lapho behlele khona umcimbi owaba impumelelo ngonyaka-2023 ngosuku lwamagugu.

Ngifisa ukuba nesikole lapho ngizobacija khona  ukuthi lusetshenziswa kanjani ulimi uma ubhala noma uhaya inkondlo. Ngibhizi emsakazweni womphakathi INtokozo FM 101.2 ozinze enxanxatheleni yezitolo  e-Umlazi Mega City. Loluhlelo lubakhona njalo ngolwesihlanu ngo-11:00-11:30. sisiza bonke osonkondlo, okungakhathalekile ukuthi basuka kuphi nendawo.

Iphupho lami ukuzibona  ngisebenza nesitebela (Nkabi Nation) esiholwa uBig Zulu. Umyalezo awudlulisa entsheni , kumele intsha ifunde , izothe bese ithanda umsebenzi wayo.  Abafisa sixhumane : Facebook:Mfanafuthi Boy-again Shange, Tiktok:Mfanafuthi Shange MrMO noma Instagram:Mfanafuthi Shange.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *