Iqembu lomculo wokholo i House of Bread Gospel Group  licela nileseke

SHEILA MHLONGO

Leliqembu lasungulwa ngonyaka ka-2023 Febhuwari  lakhiwe ngamalunga amane. uDes Makhanya, Thoko Ncwane, Smotoza Nxumalo no Thembekile Myeza. House Of Bread Gospel Group yakhetha loluhlobo lomculo ukuze kube lula ukudlulisa umyalezo ka Nkulunkulu kubantu.

Kepha kungagcini ebandleni labekhonza khona  kodwa usabalale ndawozonke. Izifiso zethu ilezi, Ukuba umculo wethu  udlalwe nasemisakazweni emikhulu naku mabonakude, Siyabadinga abantu abazoseseka ngokwezimali ukuze ivangeli lihambe. Siyi House of bread singakuthokozela ukusebenza nabaculi asebe mkantsh’ubomvu.  I-Album yokuqala  obhek’amafu  enezingoma ezingu-11 iphume ngo-Agasti  2023.  Lapho kunengoma eshisa izikhotha ethi: “ UJesu unguMafohla” kune-EP ephume ngo-2024 enezingoma ezimbili  ezithi: “Ebungcweleni no Yehla ngamandla”.   Kulonyaka ka-2025 sesikhiphe enye I-EP enezingoma ezimbili: “Baba wethu  nethi Egameni.”

Umculo weqembu lethu uyatholakala kuzo zonke izitolo zomculo nasezinkundleni zokuxhumana: Facebook, Tiktok  uvele useshe uthi nje – House of bread gospel group,  Kwabadinga ukubamema ( Bookings ) bangathintana no Des Makhanya:  083 435 3835,  Thoko Ncwane:  060 466 5722 noma  houseofbreadgospel@gmail.com.  Umyalezo  abawudlulisay:” kukho konke okwenzekayo empilweni yakho u Jehova uyi mpendulo”.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *