USputla ‘Motho Oa Mabenyeng’ Pitiri ngazalelwa eMatatiele Mangolong kanti njengamanje ngiseGoli. Ngizizwa ngijabule kakhulu ngokuhlaban ngeNdondo kowe-KZN Namuhla Artists Awards 2025 ngoba ngokweqiniso bengingakulindele kodwa ngijabule kakhulu.
Ngingumuntu othanda amasiko kakhulu futhi ngiyaluthanda usiko lwami, okungesinye sezizathu esenze ngenza umculo kaMaskandi . Ziningi izinselelo kulendima kaMaskandi ikakhulukazi uma ungenakho ukwesekwa noxhaso. Udinga nje ukuqhubeka nokuphusha futhi ungayeki , eminyakeni emibili ezayo ngizobe sengithathe umhlalaphansi ngoba angikakacabangi ukukhipha enye i-albhamu .
Ngifisa ukwenza into ebonakalayo futhi ezobonwa emhlabeni wonke. Umculi engisebenzisana naye uSetsetse kanti lokhu kungenxa yokuthi akalilahlanga iphupho lakhe lokweza umculo ngolwimi lwethu lwesiSotho nakuba ehlangabezane nezinselelo eziningi. Uma ngikhuluma iqiniso nginomndeni ongesekayo kanye nabantu bendawo yangakithi.
Ngakho-ke empeleni wonke umuntu owayekholelwa kimi kusukela ekuqaleni bengeseka ngamavoti kodwa ngifisa kuthi abantu badlale umculo wami ku-inthanethi singaxhumana Facebook :Sputla Pitiri .
Tik-tok : motho Oa mabenyeng kuzo zonke izinkundla zomculo wedijithali , Email: mothoamabenyeng@gmail.com noma WhatsApp /Call : 072 948 9768.

