UNontobeko Mhlongo owaziwa ngoLady N kwezomculo weGqom, Ngizalelwe endaweni yase Mthunzini kwesika Mzimela isigodi esiwohlweni ngakhulela khona nase Gingindlovu, manje ngizinze endaweni yakwaDukuza etete, balkom. Yooooo ukuwina kwami kwi KZN Namuhla ngizizwe ngijabulile futhi ngibone ubustrong bami ngenkathi ngibizwa estage ngasho ngathi kazi mawami ujehova waku thatha ngisazama nakhu ke okwakho ongakubonanga.
Kwesinye isukhathi kuyaye kuthi ukuhluka eceleni kwinto eyakugqugquzela kepha okwami kwaba ibackground yami, kwaba ubuhlungu engangikukho ngifisa noma ngifuna into ezongenza ngibe busy kuze kuzodlula lobuhlungu, Umlayezo engingawubhekisa kwabesimame ukuthi ungaliyekeleli italent lakho noma ngabe usukhule kangakanani futhi ubheke kunabantu abohleze bekhona for ukukwenza udikibale, kummele ulindele okuhle nokubi bese kukho konke okwenzayo ubheka phambili. Kuleminyaka ezayo ngifisa ukuzibona ngishare istage namaCiko amakhulu Mafikizolo, Zola7, Khuzani. Bese ngikwazi ukuvikela umculo wami nami uqobo ukuze ngiphumelele.
Kubalandeli bami iningi labo liyazi angenzi umculo kuphela ngikhona Ku Community Radio, ngikhona ku Theater nokunye kepha cela belindele okuhle engiza nakho. Umculi engithi noma ngiyilalela eminye kodwa angikhuthaze uKhuzani, indlela amelana nezimo ngayo nangendlela enza ngayo izinto iyo eyenza ngithi angfisi nje kumbona kuphela kodwa ngi share naye istage. Emhlabeni kuye kube nabantu abakwenze wakhetha lendima kodwa mina kuhlukile imina uqobo engizibongayo bese ngibonga ababeseduze bengeseka njengo Thambolemfene, Blockbuster, idonse nero, Sihle uMajozi ne-IGorilla. Ngingajabula uma ngingathola uxhaso lwestudio ngoba njengoba singekho esiqondile ngibamba noma ikuphi lokho kungenza ngakhiphi ngendlela engfisa ngayo ngoba ngiye ngibuke ukuthi angeke ngiyikhiphe le, kungcono ngime kancane lapho isikhathi asimile siyahamba so Istudio ngingajabula kakhulu neyimali zama studio amakhulu ibuye ibeyinkinga.
Ofisa ukuxhumana nami Facebook acc: Nontorh ntomb’yomzulu mhlongo, Facebook page: LadyN-sa tiktok :@Lady N Sa, Instagram: Nontobeko 3405 , youtube: Lady N-topic for bookings 062 1400 827.

