Kwethulwe indawo yokuphumula kaMntwana uMangosuthu Buthelezi njengeGugu lesiFundazwe

ZAMA MAJOLA

Inkosi engasekho uMangosuthu Buthelezi ihlonishiwe njengoba ithuna layo lithole indawo yamagugu esifundazweni iKwaZulu-Natal. Umndeni wakhe ukwamukele lokhu kuhlonishwa futhi wakubona njengesikhumbuzo sokuzinikela kwakhe impilo yakhe yonke emsebenzini womphakathi kanye nesizwe samaZulu. Ngokubambisana nomndeni wakwaButhelezi, uhulumeni wesifundazwe ehambisana noNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnu. Thamsanqa Ntuli uzokwethula ngokusemthethweni indawo yokuphumula yoMntwana uMangosuthu Buthelezi eNdlunkulu yaKwaPhindangene eMahlabathini, eduze nasoLundi. Ikhulumela umndeni Inkosi uZuzifa Buthelezi iveze lokhu okubalulekile. “Kunezikhathi lapho sasibona sengathi ubaba usilahlile ukuze asize abantu. Ngokubona ukuthi labo ayebasebenzela abamkhohlwanga ngisho nangemva kokudlula kwakhe emhlabeni kusenze sabona ukuthi ukuzinikela kwakhe kwakufanele. Siwumndeni siyalwazisa lolu dumo oluvela kuhulumeni wesifundazwe”.

Isitatimende esikhishiwe sifundeke kanye, “ukwethulwa kwendawo yakhe yokuphumula njengendawo yamagugu esifundazwe kuqinisekisa ukuthi izizukulwane ezizayo zizokhumbula uMntwana uButhelezi hhayi nje njengomholi, kodwa njengomuntu obezinikele ngendlela exakile kubantu bakhe nasezweni lakhe”. UMntwana uButhelezi wayeyinzalo yobukhosi bakwaZulu ezalwa yiNkosi uMathole Buthelezi kanye noPrincess Constance Magogo kaDinuzulu. Wasebenza njengeNkosi yesizwe sakwaButhelezi kusukela ngo-1953 kwaze kwaba ngu-2023 futhi enguNdunankulu wesizwe samaZulu ngaphansi kwamakhosi amathathu. Usungule Inkatha Freedom Party (IFP) ngo-1975 wayihola kwaze kwaba ngu-2019, wasebenza njengoNgqongqoshe Omkhulu kuHulumeni waKwaZulu kusukela ngo-1977 kuya ku-1994. Udlule emhlabeni ngo-2023 wahlonishwa ngomngcwabo wombuso ogcwele, lapho uMengameli Cyril Ramaphosa wathula khona amazwi enduduzo.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *