UHlabisa unxuse bonke omasipala ukuthi basebenze ngokuzikhandla

ZAMA MAJOLA

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kuzwelonke uMnu. Velenkosini Hlabisa, wethule isexwayiso esishubile ngesimo sohulumeni basekhaya wathi nakuba kunenqubekela phambili ekhona ezindaweni eziningi, omasipala abaningi basabhekene nengwadla yokungaphathwa kahle kwezimali kanye nokuqeda ukwethenjwa imiphakathi.

Ekhuluma kwiLocal Government Indaba, uHlabisa uthe omasipala abaningi kakhulu bashiya izakhamizi zinomoya wokuphelelwa ithemba lapho cishe yonke into ibheke phansi  eveza ukwehluleka okusabalele ekubuseni. Naphezu kokuhlolwa okungekuhle, uNgqongqoshe ukhombe omasipala abathuthukayo, abamukela isabelomali abaxhaswe ngaso sonke isikhathi, abesebenzisa izibonelelo ngendlela efanele, abaletha izinsiza kanye nabathola ukucwaningwa kwamabhuku okuhlanzekile.

“Kunomasipala abenza imisebenzi esezingeni eligculisayo futhi banikeze ucwaningimabhuku Jikelele ukuziphendulela,” esho, ebachaza njengezibonelo okumele bazilandele. UHlabisa uveze izinguquko ezibalulekile ezidingekayo ukuze kubuyiswe ukuthembeka, okuhlanganisa ukwenza ohulumeni basekhaya ngobungcweti kanye nokuqinisa ubuholi obunesimilo. “Bonke omasipala kumele basebenze ngokuzikhandla,” egcizelela.  Ube esexwayisa ngokuthi uma omasipala bengasebenzi, umnotho wezwe lethu ngeke ukhule.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *