Leliqembu lakhiwa amalungu amahlanu okungu- Andiswa Cele osedume ngelika “Young Lwah”, Andiswa Vezi osaziwa ngelika “Ndih Nation”, Bongeka Maphumulo osedume ngelika”Bongz”, Tsapelo Zwane bese kuba Olwethu Ngcobo. Lamantombazane asengabafundi adabuka endaweni yase Scottsburg eMandawe.
Abasunguli baleliqembu uMnu. Lucky Gebashe no Kwanele Hlengwa selineminyaka njengoba lasungulwa ngo-2022. uBrian Smile ekhuluma nabo bathe,”Abazange bakholwe uma sebebizwa ezindaweni eziphezulu into eyababeka ebalazweni kwaba ukufaka ama-video abo ezinkundleni zokuxhumana ezinjengo Tiktok njalo njalo lokho kwabenza babizwa umabonakude IKZN TV nokwabanikeza ukuthi bathole ama-bookings. Abantu asebeke bashiyelana inkundla nabo singabala uKhuzani, Menzi futhi sebeke baphefoma nasemicimbini emikhulu esingabala Ugu Jazz Festival. Ingoma yabo abasanda kuyikhipha nabayenze nongumculi osemnkantshubomvu Umzukulu phansi Olundi, seyibukwe abantu abangaphezulu kuka 1.2 million ku YouTube.
Kulabo abadinga ukuxhumana nabo bangathinta lenamba: 083 467 4756
EMAIL-kwanelehlengwa7@gmail.com, Facebook: Ushuni Wase Mzini, Tiktok: Ushuni Wase-Mzini naku YouTube: Shuni wasemzini.

