ZAMA MAJOLA
Uhulumeni uhalalisele uQhawekazi Mazaleni, oqokwe njengoMiss waseNingizimu Afrika walo nyaka emcimbini ohlonishwayo obuse-SunBet Arena eMenlyn, ePretoria East. Eneminyaka engu-24 nje kuphela, inxusa lobuhle nentsha elizalelwe e-Eastern Cape lilethe ukuziqhenya esizweni ngenxa yempumelelo yalo emangalisayo.
Uhulumeni ufisele uMazaleni okuhle kodwa wabe esegqugquzelwa ukuthi aqhubeke nokukhuthaza abesifazane abasebasha ukuthi bafeze amaphupho abo futhi babe neqhaza elihle emphakathini. Kube sekuhalaliselwa noLuyanda Zuma, ophume isibili naye oyisibonelo esihle entsheni. UMazaleni uwine lesi sicoco esibhekwe ngabomvu ngemuva kokuqhudelana nabesifazane abayisishagalolunye emdlalweni wamanqamu, obukhombisa ubuhle, amasiko, nombono waseNingizimu Afrika. Imincintiswano yonobuhle, njengoMiss South Africa, ibamba iqhaza elibalulekile ekufukuleni intsha ngokugqugquzela ukuzethemba, ubuholi, nokuzibophezela emphakathini, kuyilapho ihlinzeka abesifazane abasebasha inkundla yokumela uguquko futhi ibe nomthelela obonakalayo emiphakathini yabo. Sithi Halala kuQhawekazi Mazaleni!

