U-Andile Siyabonga Fortune Dlamini. Odume ngelika Big Fortune S.A emculweni weHip-Hop ngizalelwe eThekwini eKing Edward Hospital kanti ngihlala eNtuzuma eLindelani. Ngijabule kakhulu ngokuphinde ngiwine Kuma KZN NAMUHLA ARTISTS AWARDS 2025 njengoba ngawina kuwona ngo-2023.
Cela nokubonga Kakhulu kubalandeli nabobonke abantu abangi votelile Kuma Awards ngawina indondo ye-BEST HIP HOP ARTIST 2025. Ngakhula ngiwuthanda umculo kusuka ngimncane, iHip Hop kwaba isound engiyizwa kahle kakhulu ngomyalezo abayi lethayo nami ngase ngiqala ukubhala ngisafunda isikole ngingena Beat noma iStudio engaya kusona. Ngoku khulela elokishini nezi kinga esibhekana nazo nokuhle abantu abakwenzayo emalokishini kwangenza ngagqugquzeka kakhulu ekwenzeni umculo ukudlulisa iMessage ngempilo yase Lokishini ukuba iCiko into engiyithandayo kakhulu.
Umuntu ofisa ukucula kumele azithembe ekubeni iCiko, asebenze kanzima, athole lonke ulwazi olubalulekile ukuze azosebenza ngendlela azi ukuthi ilendlela ekumele ahambe ngayo. Eminyekeni emibili ezayo ngizibona sengisebenzisana namaCiko amakhulu kwi-Industry ye-Hip Hop, sengine manager ngiqashwe kuma- Event amakhulu. Abalandeli benga lindela umusic omusha njengoba ngisebenza kwi-Album ezophuma kulonyaka ,umculi engibukela kuye u-Emtee, Umculo wakhe uyangi khuthaza unginika ithemba kukho konke umuntu abhekana nakho futhi nasebenza kukho.
Ngithanda ukubonga nge Support umuntu ayitholile emndenini nakuba landeli nokusebenza ngokuzikhandla kakhulu nami kungisizile ngathola ulwazi engiludingayo endimeni yobuCiko kungekho oseke wayihamba lendlela ongipha ulwazi. Uxhaso engilifisayo ngenhliziyo yami yonke ukuthola iManager, iStudio engingasebenza kuso nokubhukhwa kuma Event. Facebook: @Big Fortune S.A, TikTok: @Bigfortunes.sa naku YouTube Channel: @Big Fortune_S.A.

