Umethuli wohlelo lwe-Reality Show uTee Xaba uthweswe Iziqu e-UKZN

Isithombe: UNksz Nomthandazo “Tee” Xaba ethweswa iziqu e-UKZN ngeziqu zeBachelor of Arts.Umthwebuli wezithombe: Tisetso Nhlapho

SHEILA MHLONGO

Umethuli wohlelo lwe-Reality Show, uNksz Nomthandazo “Tee” Xaba uthweswe iziqu eNyuvesi yaKwaZulu-Natali (UKZN) ngeziqu zeBachelor of Arts ezifundweni zeDrama, Performance and English Studies.

UXaba (28), odabuka eThekwini, ungumsakazi wohlelo emsakazweni i-East Coast Radio, kanti futhi uyabonakala ezikrinini kuthelevishini ohlelweni lweMzansi Magic oluthi Being A Xaba. Lolu hlelo lugxile empilweni kayise, uBhishobhi VJ Xaba kanye nezingane zakhe ezingama-21.

Ekhuluma ngohambo lwakhe e-UKZN, uXaba uthe belulude futhi lunzima, kodwa uyaziqhenya ngokuthi usefikaphi namuhla. “Bekungelula neze. Bekumele ngizigcine nginokuz discipline, ngiphathe isikhathi sami kahle futhi ngihlale ngizikhumbuza ukuthi ngaqala ngani, ikakhulukazi ngezinsuku ezinzima,” kusho yena.

UXaba udalule ukuthi wayeka izifundo zakhe izikhathi ezine, kodwa wabuyela njalo ezimisele ukuqeda. Uthe ukuqina kwakhe ukwesekwa kakhulu ngumama wakhe, uBonisiwe Khanyile, owamkhuthaza ukuthi aqede izifundo zakhe. Uphinde wabonga umyeni wakhe, umndeni kanye nabangani bakhe abasondelene naye ngokumeseka njalo. “Ngangazi ukuthi ngikweleta mina uqobo ukuqeda lokhu engangikuqalile. Ukholo lwami, umama wami kanye nenhloso yami kwangikhuthaza ukuthi ngibuye njalo,” kusho yena.

Ebheka ikusasa, uXaba uthe ujabule ngalokho oluzomlethela khona. “Into engiyithanda kakhulu ngokuba ngumfundi ophothule e-UKZN umoya wenjabulo ngesikhathi somcimbi wokuthweswa iziqu. Angicabangi ukuthi kukhona esinye isikhungo esikhombisa injabulo nokubonga okungaka kubafundi baso abaphothulile.”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *