
Isithombe: UNontuthuko Dlamini ugona umama wakhe uLindiwe Dlamini ngesikhathi ethweswa iziqu zeBachelor of Arts Honours kwiSociology.–Umthwebuli wezithombe: Yola Ndzabe
SHEILA MHLONGO
UNokuthula Dlamini oneminyaka engu-24 ubudala, okuwukuphela kwengane ekhuliswe ngumama ongayedwa osebenza njengomthengisi ongakahleleki, wehlulwe imizwa ngesikhathi ethweswa iziqu eNyuvesi yaKwaZulu-Natal University of KwaZulu-Natal kuleli sonto ngeziqu zeBachelor of Arts Honours kwiSociology.
Ividiyo nezithombe zikaNokuthula ekhala egona umama wakhe uLindiwe Dlamini ngesikhathi somcimbi wokwethweswa iziqu zisabalale ngokushesha ezinkundleni zokuxhumana, kwaze kwaba khona abantu abanikela ngosizo olufana nezingubo kanye nezithombe zobungcweti (photoshoots).
UNokuthula uye emcimbini wokwethweswa iziqu engenayo ingubo entsha ngenxa yokuthi wayengenayo imali yokuyithenga.
“Bengingafuni ukuhlupha umama ngoba bengisazi isimo esinzima ekhaya, ngakho nginqume ukuhamba ngezingubo ebenginazo. Okubalulekile kimi bekungukuba khona nje emcimbini wokwethweswa iziqu ngoba bengicabanga ukuthi mhlawumbe lokhu kungaba okokugcina kimi,” kusho uDlamini.
UDlamini, odabuka eMgungundlovu, uthe ngesikhathi somcimbi wayegcwele imizwa exubile njengoba ekhumbula ubunzima abhekana nabo ngesikhathi efunda kanye nasezinsukwini ezandulela ukuthweswa kwakhe iziqu.
Uthe izinyembezi bezingezokubonga ngokuthi ekugcineni usephumelele, ngosizo alutholile kanye nenjabulo yokwenza umama wakhe aziqhenye ngaye.
Ubunzima bezimali benze uhambo lwakhe lwempumelelo lwaba nzima kakhulu. Ubonge umfundisi wakhe uDkt Siphamandla Sithelo, owamtholela indawo yokuhlala unyaka wonke. Uthe nomuntu ayehlala naye, uNksz Khethukuthula Khoza, wamsiza ngokudla kanye nanoma yini ayeyidinga. Uphinde wabonga nomeluleki wakhe wezifundo ngokumkhuthaza ukuba aye ekwelulekweni ngokomqondo.
Ngemuva kokuduma kwakhe ezinkundleni zokuxhumana, abantu abaningi bafinyelele kuDlamini ngezindlela ezahlukene zosizo.
“Ngibonga kakhulu kuwo wonke umuntu ongifinyelele. Ngifisa sengathi ngingamemeza emhlabeni wonke ngibonge ngamunye wabo. Ngizizwa sengathi uNkulunkulu uphendule yonke imithandazo nezinkathazo zami. Ngiyabonga kuwo wonke umuntu,” kusho uDlamini.
Ukhuthaze nabanye abafundi ababhekene nobunzima bezimali noma ezinye izinselelo ukuthi bangalokothi bavumele lezo zinkinga zibavimbe ekufezeni amaphupho abo.
“Ningalahli ithemba, phumani niqede enikuqalile,” kusho uDlamini.

