UProfessor”Njayokhokho” noKhethiwe “Njayosikhokhokazi”  Gumede bakhuthaza ukuhlangana kwabaculi bezigodi ezahlukene

SHEILA MHLONGO

 I-afrotrub kanye neskandiano esisiqale ngo-2024 okungumculo omnandi kakhulu  siqhamuka ezindaweni ezahlukene okungu Mtubatuba kanye neDududu ,ngokokuhlala sihlala egoli  eBoksburg North. Kulonyaka sifisa ukushintsha izimpilo zabantu abafisayo ukusizakala ezifisweni zabo zempilo. Izinhlelo  zethu kulonyaka ukujabulisa abantu ngomculo obuyisa ithemba. Sifisa  ukusebenza no producer onjiniyela bomculo wase N groove  studio esisegoli ebesesisebenza no mqobiyazo  ongumculi.

Ngonyaka  odlule isifundo sethu kube ukuthi akumelanga sethembe into eshiwo umuntu ebese siyayenza singayibuzanga kwabaphambili abantu abayaziyo abalandeli bethu kulonyaka bengalindela ukuzwa uhlobo lwethu lomculo olusha olungakajwayeleki kangako  sithe ukuhluka kancane  senza isikandiano kanye ne-afrotrub ,okuyizinga lokukhula nobuciko bonjiniya bamanje  beziginci okuyisikandiano engisiqalile kusukela  ngo-2024 ezindlini zase dank studio.

Abalandeli  bethu bengazitholela umculo wethu ezitolo zonke zomculo kulezi ezilandelayo ditto iTunes, sportify, vivo, YouTube, Amazon nezinye uzibheka uthi njayokhokho music .

Ungaxhumana nathi kulezinombolo WhatsApp/ Calls: 071 518 1061 /076 531 7047 kuFacebook: njayokhokho.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *