U-Asimthande Mthethwa eMtuba unefisa sokuvula isikole owawina emcimbini Ubuciko Besintu 2024

SHEILA MHLONGO

 Ngaphothula  uGrade-12  eNkosikayingangathi Secondary School ngineminyaka engu-18 . Ngaqala ukumodela ngifunda uGrade-9 ngo-2022 ngaqala nge-pageant okuthiwa uMiss Face of Devotion lapho khona engaphuma kwi top 5, ngangingenalo  ithemba lokuthi ngizoba yilokhu engiyikho manje angikaze ngiyeke ukumodela ngaqhubeka  .

 Ngiphinde ngangenela uMiss National Tourism 2023 lapho khona engaba i Queen . Uthando loku modela lwangenyukela laphoke ngenkathi ngiba I Queen , ngase ngathatha isinqumo sokuthi angingayeki ngiqhubeke ngingenele amanye  ama pageants .  Kuthe ngonyaka odlule ngangenela uMiss Ubuciko Besintu 2024 owawu kwaHlabisa , eNhlwathi Eziphuthwini Hall mhla zingu-30 kuNovemba, ngaphumelela ngaba I Queen yama senior ngaba u “Miss Nhl Ubuciko Besintu 2024”

Ngonyaka ozayo ngizibona nginesikole sami sokumodelisa amantombazane, ngoba akhona afisayi kodwa awanaye umuntu ozowafundisa. Ngiyatholakala ku Instagram: mthethwaasimthande naku Tik tok :@zesuliwe 24.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *