I-Mashoba Fashion Academy izovala inyanga yentsha ngegiya eliphezulu lomcimbi wokunandisa

SHEILA MHLONGO

I-Mashoba Fashion Design  ngangivele ngifisa ukusungula isikhungo esincane sokuthuthukisa intsha ekhonweni  lokuthunga okunye  ngicela ningalenzi iphutha nihlanganyele kanye nathu emcimbini ozoba seMelmoth Town Hall lapho okuyofezeka khona amaphupho ami emihla ngemihla okuqhakambisa intsha ngenyanga yabo.

Siyovala inyanga yentsha ne Mashoba Academy.  Sihlele  lomcimbi ngenhloso yokuvala kahle inyanga yentsha njengoba sisebenzisana nayo siyifundisa ukuthunga ukuze izokwazi ukuzimela nayo. Ngalokho ngicela abantu bephume ngobuningi babo bezohlanganyela nathi kwindumezulu yomcimbi bazi bonele ngawabo amehlo konke okuyobe kwenzeka.

Lomcimbi uzobe umhlaka-28 June ngoMgqibelo eTown Hall kusukela ekuseni kuze kuyoba ntambama kanti abaphathi bohlelo kuzobe kungu Miss Zimbili kanye noMORRIS KB. Abazobe benandisa yilaba: Snconconco, Top Dancers, Mqoqeni nabanye abaningi abangathanda ukuxhasa noma ukuba ingxenye yomcimbi bengaxhumana noMrs Khumalo WhatsApp/ Call: 071 266 7138 naku Facebook: Mashoba Khumalo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *