UVodacom uzotshala u-R1billion ukuthuthukisa inethiwekhi yezingcingo ne-inthanethi KwaZulu-Natali

Izikhulu zenkampani yakwaVodacom- Isithombe sithunyelwe

SHEILA MHLONGO

Inhloso wukwenza ukuthi imiphakathi yasemakhaya, emalokishini nasemadolobheni ikwazi ukuthola izinsiza zokuxhumana ezisezingeni eliphezulu.

ETHEKWINI: Inkampani yezokuxhumana iVodacom KwaZulu-Natal isimemezele ukuthi izotshala imali engu-R1 billion ekuthuthukiseni ingqalasizinda yezokuxhumana esifundazweni ngonyaka wezimali ka-2027.

Le mali izosetshenziswa ukukhulisa ukufinyelela kwenethiwekhi yezingcingo ne-inthanethi, ukuthuthukisa isivinini sokuxhumana kanye nokuqinisekisa ukuthi nemiphakathi yasemakhaya iyakwazi ukusebenzisa ubuchwepheshe besimanje.

Lesi simemezelo siza ngesikhathi sanda isibalo sabantu abasebenzisa i-inthanethi nezinsiza zobuchwepheshe eNingizimu Afrika, ikakhulukazi KwaZulu-Natali.

Ngokusho kwenkampani, lolu hlelo luhlose ukunciphisa igebe elikhona phakathi kwabantu abakwazi ukuthola izinsiza zobuchwepheshe nalabo abasabhekene nobunzima bokuzithola.

U-R419 MILLION UZOTHUTHUKISA INETHIWEKHI YE-4G NE-5G

UVodacom uthe imali elinganiselwa ku-R419 million izosetshenziswa ukwakha iziteshi ezintsha zenethiwekhi, ukuthuthukisa ezikhona nokwandisa ukufinyelela kwezinsiza ze-LTE, 4G kanye ne-5G.

Lokhu kulindeleke ukuthi kusize amakhasimende asezindaweni zasemadolobheni, emalokishini nasemakhaya lapho ukuxhumana ngezingcingo ne-inthanethi kusenenkinga.

Phakathi kwezindawo ezizohlomula kulolu hlelo kubalwa:

  • ITheku
  • UMzimkhulu
  • UMsunduzi
  • UMvoti
  • UMhlathuze
  • INkandla
  • EMsinga
  • IMpendle
  • IRichmond
  • EDumbe

Lezi ngezinye zezindawo ezihloselwe ukuthuthukiswa kwenethiwekhi kulesi sifundazwe.

Inkampani ithi ukwanda kwenethiwekhi kuzokwenza kube lula ukuthi abantu bakwazi ukufunda, ukusebenza, ukuqhuba amabhizinisi nokuthola ulwazi ngokusebenzisa i-inthanethi.

U-R173 MILLION WOKUQINISA UKUXHUMANA

Enye imali engaphezu kuka-R173 million izosetshenziswa ukuthuthukisa ingqalasizinda ehambisa ukuxhumana, okuhlanganisa izintambo ze-fibre kanye nobuchwepheshe bokudlulisa imininingwane obubizwa nge-microwave.

Lokhu kuzosiza ukwenza inethiwekhi izinze, kuthuthukise izinga lezinsiza futhi kunciphise ukuphazamiseka kokuxhumana.

UMnu Imran Khan, oyi-Managing Executive yakwaVodacom KwaZulu-Natal, uthe lokhu kutshalwa kwezimali kukhombisa ukuzibophezela kwenkampani ekuthuthukiseni ukuxhumana esifundazweni.

Uthe ngonyaka odlule inkampani yatshala u-R1.1 billion KwaZulu-Natali, kanti kulo nyaka izoqhubeka nokwandisa nokuthuthukisa inethiwekhi yayo.

Ngokusho kukaKhan, inhloso enkulu wukwakha iKwaZulu-Natali lapho wonke umuntu ezokwazi ukuthola amathuba alethwa ubuchwepheshe, kungakhathalekile ukuthi uhlala edolobheni noma emakhaya.

U-R63.5 MILLION WOKUVIMBELA UKUPHAZAMISEKA KWENETHIWEKHI UMA KUCIMA UGESI

UVodacom uphinde wabekela eceleni u-R63.5 million ukuze kuqiniswe ukusebenza kwenethiwekhi ngesikhathi sokuphazamiseka kukagesi.

Le mali izosetshenziswa ukuthenga nokufaka ama-generator, amabhethri kanye nemishini yokugcina amandla kagesi.

Lokhu kuhloswe ngakho ukunciphisa ukuphazamiseka kwenethiwekhi okubangelwa ukucishwa kukagesi, ukwebiwa kwezintambo, ukonakala kwengqalasizinda kamasipala kanye nemisebenzi yokulungisa ugesi.

Inkampani ithi kubalulekile ukuthi amakhasimende aqhubeke nokuxhumana ngisho nalapho kunenkinga yokuphakelwa kukagesi.

IZINHLELO ZOKWENZA I-INTHANETHI ITHENGELEKE KALULA

Ngaphandle kokuthuthukisa inethiwekhi, uVodacom uthi uzoqhubeka nokuhlinzeka ngezinhlelo ezizosiza amakhasimende ukuthi akwazi ukuthenga i-data nezinsiza zokuxhumana ngamanani afanele.

Phakathi kwalezi zinhlelo kubalwa i-RED Core kanye namaphakheji e-SIM-only, avumela amakhasimende ukuthi akhethe izinhlelo ezihambisana nezidingo zawo kanye nemali anayo.

Kukhona nezinhlelo ze-Just4You kanye ne-Just4YourTown, ezinikeza amakhasimende amaphakheji e-data nezingcingo ahambisana nendlela asebenzisa ngayo izinsiza kanye nezindawo ahlala kuzo.

UVodacom uthi lezi zinhlelo sezisetshenziswa amakhasimende amaningi KwaZulu-Natali, njengoba abantu befuna izindlela zokuxhumana ezingabizi kakhulu.

KUSIZWA ABANTU UKUTHOLA AMA-SMARTPHONE

Enye yezinhlelo zenkampani yi-Easy2Own, esiza amakhasimende ukuthi akwazi ukuthola ama-smartphone ngokuwakhokhela ngendlela elula.

Lolu hlelo luhlose ukusiza abantu abasasebenzisa izingcingo ezindala ze-2G ne-3G ukuthi bakwazi ukuthuthukela kuma-smartphone asebenzisa i-4G ne-5G.

Lokhu kungavulela abantu amathuba amaningi, okuhlanganisa ukufunda nge-inthanethi, ukufuna umsebenzi, ukwenza ibhizinisi nokusebenzisa izinsiza zikahulumeni ezitholakala ngobuchwepheshe.

NOMASIPALA BAZOHLOMULA NGEZINSIZA ZOBUCHWEPHESHE

Uphiko lweVodacom Business KwaZulu-Natal nalo luqhubeka nokuhlinzeka amabhizinisi nezikhungo zikahulumeni ngezinsiza zobuchwepheshe.

Lezi zinsiza zihlanganisa ukugcinwa kwemininingwane ku-inthanethi (cloud services), ukuvikelwa kolwazi ekuhlaselweni nge-inthanethi (cybersecurity), ukuxhumana kwamadivayisi ngobuchwepheshe be-Internet of Things (IoT), kanye nezinhlelo zokuphatha nokugcina imininingwane.

Enye yezinhlelo ezisetshenziswa omasipala yi-Case Management, evumela izakhamuzi ukuthi zibike izinkinga zokulethwa kwezidingo, zilandelele izikhalo zazo futhi zithole impendulo.

Ngokusho kukaVodacom, abanye omasipala KwaZulu-Natali sebevele bayalusebenzisa lolu hlelo ukuze bathuthukise ukuxhumana nezakhamuzi kanye nokulethwa kwezidingo.

AKUKHO OKUFANELE ASALE NGEMUVA KWEZOBUCHWEPHESHE

UKhan uphethe ngokugcizelela ukuthi ukutshalwa kwale mali KwaZulu-Natali kuyingxenye yokuzibophezela kwenkampani ekwakheni ikusasa elingcono ngokusebenzisa ubuchwepheshe.

Uthe inkampani ifuna ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu, kungakhathalekile indawo ahlala kuyo noma isimo sakhe sezimali, uthola amathuba okuhlomula emnothweni osekelwe kwezobuchwepheshe.

Ngokusho kwenkampani, ukuthuthukiswa kwenethiwekhi kuzoba negalelo ekukhuliseni amabhizinisi, ekuthuthukiseni imfundo nasekuvuleni amathuba amasha omnotho esifundazweni.

Umthombo: Isitatimende sabezindaba sakwaVodacom KwaZulu-Natal.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *