IMeya u-Xaba ubuyisa isithunzi semindeni ngokunikezela ngamatayitela obunikazi bomhlaba nezindlu ezintsha

IMeya kaMasipala weTheku, uKhansela Cyril Xaba, ibuyise isithunzi nethemba emindenini engamakhulu ngokuyinikezela ngezitifiketi zobunikazi bomhlaba nezindlu ezintsha ngoLwesihlanu, mhla ziyisi-9 ku-Okthoba 2026.

Phakathi kwabahlomule kulolu hlelo kubalwa ugogo uLevina Qwabe, oneminyaka engu-107 ubudala, waseMount Royal, othole okokuqala isitifiketi esisemthethweni esimqinisekisa njengomnikazi wendawo ahlala kuyo.

Lokhu kube yingqophamlando empilweni kagogo Qwabe, njengoba eseneminyaka engaphezu kwekhulu ephila, kodwa esethola manje ilungelo elisemthethweni lobunikazi bomuzi wakhe.

Ngemuva kokunikezelwa kwezitifiketi zobunikazi eMount Royal, iMeya uXaba idlulele KwaMashu, lapho inikezele khona ngezindlu ezintsha ezintathu emindenini emithathu ngaphansi koHlelo lweZindlu i-R293 Housing Project.

Lolu hlelo luyingxenye yemizamo kaMasipala weTheku yokuthuthukisa izindawo zasemadolobheni, ukwakha izindlu nokuthuthukisa ingqalasizinda ukuze izakhamuzi ziphile ngaphansi kwezimo ezingcono.

Usuku luphethe ngomhlangano wokuxoxisana nomphakathi obubanjelwe enkundleni yezemidlalo iKwaMashu C Sports Ground, lapho izakhamuzi zithole khona ithuba lokukhuluma neMeya ngezidingo nezinselelo ezibhekene nazo, kanye nokwamukela izitifiketi zobunikazi bezindawo zazo.

KUNIKEZELWE NGEZITIFIKETI EZINGAMA-588

Ekhuluma nezakhamuzi, iMeya uXaba igcizelele ukubaluleka kokuba nemibhalo esemthethweni eqinisekisa ukuthi abantu bangabanikazi bezindlu nezindawo abahlala kuzo.

Sekukonke, kunikezelwe ngezitifiketi zobunikazi ezingama-588 kubahlomuli bezinhlelo zezindlu ezindaweni ezihlanganisa iMount Royal, iNtuzuma, iQuarry Heights kanye naKwaMashu.

UXaba uthe ukunikezwa kwalezi zitifiketi akugcini ngokunikeza abantu ubunikazi obusemthethweni bezindlu zabo, kodwa kuphinde kubuyise isithunzi emindenini ebiphila isikhathi eside ingenaso isiqiniseko sokuthi izindawo ehlala kuzo zingezayo ngokomthetho.

“Ngokunikeza imiphakathi izitifiketi zobunikazi bezindlu, sibuyisa isithunzi semindeni ebiphila ngaphansi kokungaqiniseki iminyaka eminingi. Abahlomule ngalezi zitifiketi bazokwazi ukudlulisela ubunikazi balezi zindawo ezizukulwaneni ezizayo,” kusho uXaba.

IMeya inxusa umphakathi ukuba uvikele ingqalasizinda

IMeya iphinde yanxusa izakhamuzi ukuba zibambe iqhaza ekuvikeleni ingqalasizinda kaMasipala, okuhlanganisa izinsiza zomphakathi, ukuze kungaphazamiseki ukuhlinzekwa kwezidingo eziyisisekelo.

Ithe ukuvikelwa kwengqalasizinda kubalulekile ukuze idolobha liqhubeke nokuhlinzeka ngezinsiza ezisezingeni elifanele, liphinde lihehe abatshalizimali abangasiza ekuthuthukiseni umnotho nasekudaleni amathuba emisebenzi.

Lolu hlelo luyingxenye yemizamo kaMasipala weTheku yokuqinisekisa ukuthi imindeni ithola izindlu ezisezingeni elifanele, ibe namalungelo asemthethweni obunikazi futhi ikwazi ukushiyela izizukulwane ezizayo ifa eliphephile.

Umthombo: Uphiko lwezokuMaketha nezokuXhumana lukaMasipala weTheku (eThekwini Municipality Marketing and Communications Directorate).

Kubhalwe kabusha ngesiZulu: SHEILA MHLONGO | KZN NAMUHLA COMMUNITY NEWSPAPER

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *