
UNksz Nomakhwezi Ntshele, osebenza esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, usephumelele ukuthola iziqu zeMaster of Commerce eNyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN), kulandela ucwaningo lwakhe olugxile ekubambeni iqhaza kwabesifazane ebuholini bendabuko esifundazweni saKwaZulu-Natal.
SHEILA MHLONGO
Ucwaningo lwakhe luveze ukuthi nakuba abesifazane sebemelwe emikhandlwini yobuholi bendabuko, lokhu akusho ukuthi banikezwa amandla angempela okuba yingxenye yokuthathwa kwezinqumo ezibalulekile ezithinta imiphakathi yabo.
UNtshele, onguMxhumanisi Wekomidi Lezempilo (Committee Coordinator for the Health Portfolio Committee) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, wenze lolu cwaningo njengengxenye yezifundo zakhe zeMaster of Commerce in Leadership Studies e-UKZN.
Ucwaningo lwakhe beluhlose ukuthola ukuthi ngabe abesifazane bafakwa nje kuphela ezinhlakeni zobuholi bendabuko ukuze kubonakale ukuthi bayamelwa, noma banikezwa ngempela amathuba okuhola, ukuthonya izinqumo kanye nokubamba iqhaza ekuthuthukisweni kwemiphakathi yabo.
UKUMELWA KWABESIFAZANE AKUSHO UKUTHI BANAMANDLA OKUTHATHA IZINQUMO
UNtshele uthe intshisekelo yakhe yokwenza lolu cwaningo yasuswa umehluko obonakala phakathi kokuzibophezela kweNingizimu Afrika ekulinganisweni kwamalungelo abesilisa nabesifazane, kanye nezimo zangempela abesifazane ababhekana nazo ezikhundleni zobuholi bendabuko.
Imiphumela yocwaningo iveze ukuthi nakuba abesifazane befakwa ngokusemthethweni emikhandlwini yendabuko, ukuba khona kwabo akusho ukuthi banethonya elibonakalayo ekubekweni kwezihloko okudingidwa ngazo, ezingxoxweni noma ekuthathweni kwezinqumo ezibalulekile.
“Ukumelwa kwabantu akumele kukalwe ngokubheka ukuba khona kwabo kuphela. Ukubamba iqhaza okunomthelela wangempela kudinga ukuthi abesifazane bakwazi ukuthola ulwazi, babe yingxenye yokuthathwa kwezinqumo, banikezwe imisebenzi yobuholi futhi babe namandla okuthonya imiphumela yezinqumo,” kusho uNtshele.
Ucwaningo luhlonze izithiyo eziningi ezivimbela abesifazane ukuba babambe iqhaza ngokugcwele ebuholini bendabuko.
Phakathi kwalezi zithiyo kubalwa uhlelo lokulandelana kwezikhundla zobuholi oluncike ohlangothini lobaba, okulindeleke kwabesifazane emishadweni, ukuvinjelwa kwamathuba ngendlela engahlelekile, ukwahlulelwa ngemigomo engalingani kanye nomthwalo wokuhlanganisa imisebenzi yobuholi nezibopho zasekhaya.
Ucwaningo luphinde lwathola ukuthi abesifazane bavame ukubhekwa njengabafanele imisebenzi yokunakekela inhlalakahle yomphakathi nokusiza abaswele.
Nokho, izindaba ezibalulekile eziphathelene nokwabiwa komhlaba, ukulandelana kwezikhundla zobuholi, ukuphathwa kwezinsiza kanye nokuthathwa kwezinqumo zamasu okubusa zisalokhu ziphethwe kakhulu ngabesilisa.
INTSHA NABAFUNDILE BAKHOMBISA UKWAMUKELA UBUHOLI BABESIFAZANE
Olunye ulwazi olutholakale ocwaningweni luveze ukuthi abantu abasebasha kanye nalabo abafunde kakhulu bakhombisa ukwamukela kangcono abesifazane ezikhundleni zobuholi.
Ngaphezu kwalokho, abaholi bendabuko abanemibono evulekile kanye nezibonelo zabesifazane abaphumelelayo ebuholini bayasiza ekuguquleni umbono wokuthi amandla okubusa kufanele abe sezandleni zabesilisa kuphela.
Ucwaningo lukaNtshele alugxili ekutheni isiko lamaZulu ngokwalo licindezela abesifazane.
Kunalokho, luveza ukuthi ezinye izindlela zokuhumusha amasiko ezigxile ekubuseni kwabesilisa, kanye nemikhuba esetshenziswa ezikhungweni zobuholi, zingaguqulwa ukuze kuhambisane nezikhathi zanamuhla.
Luphinde lugcizelele ukuthi ukulondolozwa kwesiko nobuwena besizwe akudingeki kuphikisane nokulingana kwamalungelo abesifazane nabesilisa.
UHAMBO LWEZEMFUNDO OLUHAMBE NEZINSELELE EZININGI
Nakuba uNtshele athola imvume kubaphathi abafanele yokwenza ucwaningo lwakhe ngo-2020, uthe ukuqeda izifundo zakhe ngesikhathi esebenza bekungelula neze.
Uhlangabezane nezinselele emsebenzini, ukudumazeka, ukuzizwa ekhishwa inyumbazane kanye nokulahlekelwa okubuhlungu empilweni yakhe yangasese.
Uthe zonke lezi zimo zidinge ukubekezela okukhulu nokuzimisela ukuze angalilahli ithemba lokuphothula izifundo zakhe.
Nokho, uNtshele ubonge umeluleki wakhe ezifundweni, uSolwazi Bibi Chummun, ngokumbekezelela, ukumqondisa ngokwezinga eliphezulu lezemfundo, ukumeluleka kanye nokukholelwa emakhonweni akhe.
Uthe ukwesekwa akuthola kumeluleki wakhe akumsizanga kuphela ukuba aqhubeke nezifundo, kodwa kumenze wakhula waba ngumcwaningi ozethembayo.
USolwazi Chummun uzwakalise ukujabula okukhulu ngempumelelo kaNtshele.
“Ngihalalisela uNomakhwezi ngale mpumelelo ebalulekile. Ngiyamncoma ngokwenza ucwaningo olubalulekile emkhakheni wezemfundo, kodwa ngesikhathi esifanayo olusondelene kakhulu nezimo zangempela zemiphakathi kanye nobuholi baKwaZulu-Natal.
“Angingabazi ukuthi le mpumelelo iyisiqalo segalelo elikhulu nakakhulu azolenza emkhakheni wocwaningo lwezemfundo nasekusebenzeni kobuholi,” kusho uSolwazi Chummun.
UNIKELE IMPUMELELO YAKHE KUNINA OSEMINYAKENI ENGU-70
UNksz Nomakhwezi Ntshele unikele impumelelo yakhe kunina, obegubha iminyaka engu-70 yokuzalwa, nokwenze ukuthola kwakhe iziqu zeMaster’s kwaba yisikhathi esibaluleke kakhulu kuye nasemndenini wakhe.
“Uthando lukamama, ukuzidela kwakhe, imithandazo yakhe kanye nokungikholelwa kwakhe okungazange kuntengantenge, yikho okwangigcina ngiqinile phakathi kwezinye zezikhathi ezinzima kakhulu ohambweni lwami,” kusho uNtshele.
Uphinde wahlonipha umholi womphakathi nowezombusazwe ongasekho emhlabeni, uDkt Ntuthuko Mahlaba, athi waba neqhaza elikhulu empumelelweni yakhe.
UNtshele uthe ukukholelwa kukaDkt Mahlaba emakhonweni akhe kanye namathuba amvulela wona kwaba nomthelela omkhulu ekuthuthukeni kwakhe emsebenzini nasemfundweni.
Uthe ukuthola lezi ziqu kuphinde kwamfundisa kabanzi ngokuthi ubuholi buyisibopho esidinga ukubandakanya wonke umuntu, ukuziphendulela ngezinqumo kanye nokusebenzela umphakathi ngokuzinikela.
Ugcizelele ukuthi ufunde ukuthi ukubekezela akusho ukungahlangabezani nobunzima, kodwa kusho ukuba nesibindi sokuqhubeka noma ngabe izinselele zinkulu kangakanani.
“Ngawa, ngabhekana nobunzima, ngaba sosizini, ngaphinde ngaqala phansi, kodwa ekugcineni ngaphumelela.
“Ngiyaziqhenya ngeziqu engizitholile, kodwa ngibonga kakhulu nangendlela engikhule ngayo njengomuntu phakathi nalolu hambo,” kusho uNtshele.
Umthombo: Corporate Relations Division, University of KwaZulu-Natal (UKZN).

