
Kube yinjabulo enkulu kubafundi baseNingizimu yeTheku ngesikhathi inkampani yakwa-Engen ihlonipha futhi iklomelisa abafundi abenze kahle ezifundweni zeMathematics nePhysical Sciences, emcimbini wemiklomelo wohlelo i-Engen Maths & Science Schools (EMSS).
Lo mcimbi ububanjelwe eMerebank Secondary School mhla ziyi-10 kuMfumfu (October) 2026, lapho bekubungazwa khona abafundi abaphumelele kahle, abathuthukise imiphumela yabo kanye nalabo abakhombise ukuzimisela okukhulu ezifundweni.
Uhlelo lwe-EMSS lusiza abafundi beBanga le-10 kuya kwele-12 ukuba bathuthukise ulwazi namakhono abo kwiMathematics nePhysical Sciences.
Lolu hlelo luqhutshwa yinkampani yakwa-Engen ngokubambisana neRaizcorp kanye ne-Advantage Learn. Luhlinzeka abafundi ngosizo lwezifundo, ukwelulekwa, ukuqeqeshwa kanye nokufunda kusetshenziswa ubuchwepheshe besimanje.
Inhloso yalo ukusiza intsha ukuba ikwazi ukuqhubeka nezifundo ezikhungweni zemfundo ephakeme, ikakhulukazi emikhakheni yesayensi, ubuchwepheshe, ubunjiniyela kanye nezibalo, eyaziwa nge-STEM.
Bangu-699 abafundi abahlomule kulolu hlelo
Kulo nyaka, uhlelo lwe-EMSS lufinyelele kubafundi abangu-699 abavela ezikoleni ezingu-42 ezifundazweni ezine zaseNingizimu Afrika.
- Western Cape: Abafundi abangu-269 ezikoleni ezingu-10.
- KwaZulu-Natal: Abafundi abangu-207 ezikoleni ezingu-11.
- Gauteng: Abafundi abangu-137 ezikoleni ezingu-11.
- Eastern Cape: Abafundi abangu-86 ezikoleni ezingu-10.
Emicimbini yokuklomelisa ezifundazweni, abafundi beBanga le-10 kuya kwele-12 banikezwe izitifiketi zokubahlonipha ngomsebenzi wabo omuhle.
Kuphinde kwaba nezinkulumo ezikhuthazayo ezivela kubamele inkampani yakwa-Engen, abafundi abenze kahle eBangeni le-12 kanye nalabo abake bahlomula kulolu hlelo eminyakeni edlule.
NABA ABAFUNDI BAKWAZULU-NATAL ABAKLOMELISIWE
IBanga le-10
- Umfundi ophumelele kakhulu: Naledi Ngcobo
- Umfundi othuthuke kakhulu: Simtholile Inathi Trevis Ngubelanga
- Umfundi okhombise ukuzibandakanya kakhulu ezifundweni: Inathi Nxoko
IBanga le-11
- Umfundi ophumelele kakhulu: Aphile Aphelele Cele
- Umfundi othuthuke kakhulu: Qhawe Camba
- Umfundi okhombise ukuzibandakanya kakhulu ezifundweni: Ntando Mbuyazi
IBanga le-12
- Umfundi ophumelele kakhulu: Migyle Naidoo
- Umfundi othuthuke kakhulu: Unako Mbo
- Umfundi okhombise ukuzibandakanya kakhulu ezifundweni: Kiyaan Kardev
I-Engen ithi imfundo yentsha iyikusasa lezwe
IMenenja yakwa-Engen ebhekele izinhlelo zokuthuthukisa umphakathi, u-Olwethu Mdabula, ithe ukutshala imali emfundweni yentsha kusho ukutshala imali ekusaseni laseNingizimu Afrika.
“Ngohlelo lwe-EMSS, sifuna ukusiza abafundi bathole ukwesekwa ezifundweni, bazethembe futhi bathole namathuba okubona amakhono abo ekhula kwiMathematics neSayensi,” kusho uMdabula.
Uthe ukusebenzisana kwabo neRaizcorp kusiza ekuhlonipheni impumelelo yabafundi nasekubakhuthazeni ukuba baqhubeke nezifundo emikhakheni yesayensi nobuchwepheshe.
Uphinde wancoma ukuzimisela kwabafundi, wathi impumelelo yabo ikhombisa ukuthi intsha ingafinyelela ezingeni eliphezulu uma ithola ukwesekwa namathuba afanele.
Kuhloswe ukukhulisa ososayensi nonjiniyela bakusasa
Inkampani yakwa-Engen ithi izoqhubeka nokusebenzisana neRaizcorp kanye ne-Advantage Learn ukuze kuthuthukiswe amakhono entsha yaseNingizimu Afrika kwiMathematics nePhysical Sciences.
Lolu hlelo luphinde lunikeze abafundi amathuba okufunda ngezindlela zedijithali, ukuthola izeluleko nokulungiselela imfundo ephakeme kanye nemisebenzi edinga amakhono esayensi nobuchwepheshe.
Imiklomelo ye-EMSS ihlose ukukhuthaza abafundi ukuba basebenze ngokuzikhandla, bathuthukise imiphumela yabo futhi bangapheli amandla ekuphishekeleni amaphupho abo.
Isithombe: Abafundi uQhawe Camba, uNtlantla Mncwabe, uLethuthando Ngidi, uNtando Mbuyazi noMduduzo Mthambu.
Umthombo: Engen Media Release
Ihlelwe ngesiZulu: KZN Namuhla Community Newspaper

