IMeya yeTheku yethule indlela entsha yokubheka nokukhokha izikweletu zikaMasipala nge-Cell phone

ESITHOMBENI -Kungesikhathi iMeya yeTheku ukhansela Cyril Xaba ethula uhlelo olusha olusebenza ngendlela yeDigital kumaCell Phone ukubheka nokukhokha izikweletu.

SHEILA MHLONGO

Izakhamuzi zaseThekwini sezizokwazi ukubheka izikweletu zikamasipala, ukuthumela ukufundwa kwamamitha amanzi nogesi kanye nokukhokha izikweletu zazo kalula, ngaphandle kokuthi ziye emahhovisi kamasipala.

IMeya kaMasipala weTheku, uKhansela Cyril Xaba, yethule ngokusemthethweni izinhlelo ezintsha zobuchwepheshe ezibizwa nge-SmartRev Digital Platforms kanye ne-Rates Clearance System (RCS), okuhloswe ngazo ukwenza kube lula ukuthola ukusizakala  KuMasipala.

Lezi zinhlelo zethulwe e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini, ngaphansi koPhiko lukaMasipala olubhekele ukuphathwa kwemali engenayo (Revenue Management Directorate).

Ekhuluma kulo mcimbi, uXaba uthe ukwethulwa kwalezi zinhlelo kuyisinyathelo esibalulekile sokwakha umasipala osebenza ngendlela esheshayo, esobala futhi ophendula kangcono izidingo zomphakathi.

Uthe ubuchwepheshe kufanele busize izakhamuzi, amabhizinisi kanye nomasipala ngokwenza ngcono indlela okuhlinzekwa ngayo izinsiza.

UXaba uphinde waveza ukuthi lezi zinhlelo zizonika amakhasimende ithuba lokulawula izikweletu zawo ngokwawo, ahlole ukuthi akhokhiswa malini futhi aqinisekise ukuthi izimali ezikhokhiswayo zihambisana nokusetshenziswa kwamanzi nogesi.

IZINDLELA EZINTSHA ZOKUTHOLA IZINSIZA ZIKAMASIPALA

Umasipala wethule izindlela ezahlukene izakhamuzi ezingazisebenzisa ngaphandle kokuvakashela amahhovisi awo.

1. Ukusebenzisa i-USSD – *134*031#

Izakhamuzi zingasebenzisa le ndlela ukuze:

  • Zibheke izikweletu zikamasipala.
  • Zithumele izinombolo ezikhonjiswa amamitha amanzi nogesi.
  • Zithole izinsiza ngaphandle kokusebenzisa i-inthanethi noma ukuba nomakhalekhukhwini wohlobo lwe-smartphone.

2. Ukusebenzisa i-WhatsApp – 064 761 7930

Ngale nombolo, amakhasimende angakwazi:

  • Ukucela amakhophi ezikweletu zikamasipala.
  • Ukuthumela ukufundwa kwamamitha.
  • Ukukhokha izikweletu.
  • Ukulandela ukuthi izicelo nemiyalezo ayithumele kumasipala isisingathwe kangakanani.

Le nkundla isebenza ngezilimi ezahlukene futhi isebenzisa i-akhawunti eqinisekisiwe ukuze kuvikelwe imininingwane yamakhasimende.

3. I-e-Services Portal

Vula i-e-Services Portal

Lena yinkundla ekhona kakade evumela amakhasimende ukuthi:

  • Ashintshe noma alungise imininingwane yama-akhawunti awo.
  • Athumele ukufundwa kwamamitha.
  • Abheke futhi adawunilode izikweletu.
  • Akhokhe ngezindlela ezifana ne-Masterpass, i-QR Code noma ukudonswa kwemali ngqo ebhange.

4. I-Revenue Correspondence Portal

Vula i-Revenue Correspondence Portal

Le nkundla isithuthukisiwe ukuze izakhamuzi zikwazi ukufaka izicelo ezintsha zokuxhunyelwa kwamanzi nogesi kanye nokucela ukubuyiselwa imali uma kufanele.

Lokhu sekungenziwa ngaphandle kokuma kolayini emahhovisi kamasipala.

Uma ikhasimende selifake isicelo, lizonikezwa inombolo yokulandelela isicelo, bese umasipala ulazisa ngenqubekelaphambili nge-imeyili.

UMASIPALA UZOTHUMELA IMIYALEZO UMA AMAMITHA ENGAFUNDWANGA

Olunye ushintsho olubalulekile uhlelo olubizwa nge-Meter Reading Notification Engine.

Uma umsebenzi kamasipala evakashela umuzi kodwa engakwazi ukufinyelela imitha lamanzi noma likagesi, ikhasimende lizothunyelelwa umyalezo nge-SMS noma nge-imeyili.

Umyalezo uzolicela ukuthi lizifundele imitha bese lithumela izinombolo nge-USSD, WhatsApp noma nge-e-Services Portal.

Lokhu kuzosiza ukuthi izakhamuzi zikhokhiswe ngokusekelwe ekusetshenzisweni kwangempela kwamanzi nogesi, kunokuba izikweletu zisekelwe ezilinganisweni eziqagelwayo.

UHLELO OLUSHA LUZOSHESHISA UKUDAYISWA NOKUDLULISWA KWEZINDLU

Isikhulu esiphezulu kwezezimali kumasipala, uDkt Sandile Mnguni, sichaze ukuthi uhlelo olusha lwe-Rates Clearance System luzosiza kakhulu abantu abasebenza ngokudluliswa kobunikazi bezindlu nezakhiwo.

Lolu hlelo luzokwenza kube lula ukufaka izicelo zezitifiketi eziqinisekisa ukuthi izikweletu zikamasipala ezidingekayo sezikhokhiwe ngaphambi kokudluliswa kobunikazi besakhiwo.

Kulindeleke ukuthi lunciphise ukubambezeleka, luthuthukise ukunemba kwemininingwane efakwayo futhi luvumele ukukhokhwa kwemali yezicelo ngqo kumasipala.

Uhlelo luzophinde lukwazi ukukhipha izitifiketi ze-Rates Clearance ngokuzenzakalelayo uma zonke izidingo sezifeziwe.

Abamele abasebenza ngokudluliswa kobunikazi bezakhiwo kanye nabakhokhi bentela yezakhiwo nabo bakhombise ukweseka lezi zinguquko.

KUYEZA NEZINYE IZINHLELO ZOKUVIKELA IZAKHAMUZI EZIKWELETINI EZINKULU

UMasipala weTheku umemezele nokuthi maduze uzofaka imishini yokuzisiza, eyaziwa ngama-kiosk, ezikhungweni ezihlinzeka amakhasimende ngezinsiza.

Kuzophinde kwethulwe uhlelo lokuxwayisa amakhasimende uma izikweletu zawo zenyuka ngendlela engajwayelekile noma uma kusolwa ukuvuza kwamanzi.

Lokhu kulindeleke ukuthi kusize izakhamuzi zibone izinkinga kusenesikhathi, zigweme nokuthola izikweletu ezinkulu ezingalindelekile.

Umasipala ukhuthaza zonke izakhamuzi ukuthi ziqale ukusebenzisa lezi zindlela ezintsha ukuze zonge isikhathi futhi zithole izinsiza ngokushesha.

Umthombo: UMnyango wezokuMaketha nezokuXhumana kuMasipala weTheku.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.