
ESITHOMBENI -UPeter Setou – Chief Executive of the Vumelana Advisory Fund – IVumelana Advisory Fund izokwethula amathuluzi angu-69 azosiza izinhlangano eziphethe umhlaba womphakathi (CPAs) ukuba zithuthukise indlela ezisebenza ngayo, ziphathe kahle izimali kanye nomhlaba eziwuphathisiwe.
SHEILA MHLONGO
Inhlangano engenzi nzuzo, iVumelana Advisory Fund, inxusa izinhlangano eziphethe umhlaba womphakathi, ezaziwa ngokuthi ama-Communal Property Associations (CPAs), KwaZulu-Natali ukuba zithumele imininingwane yazo yokuxhumana ukuze zihlomule ohlelweni olusha lwamahhala lokuzisiza ekuphathweni komhlaba.
Lolu hlelo, olubizwa nge-CPA Support Toolkits, luhlose ukusiza lezi zinhlangano ukuba zithuthukise ukuphatha kwazo, zisebenze ngendlela efanele futhi zisebenzise umhlaba womphakathi ngendlela ezohlomulisa amalungu azo.
IVumelana isilungiselela ukwethula amaqoqo amathuluzi ayisishiyagalombili (8), aqukethe amathuluzi angu-69 azosiza ama-CPA ukuba athole ulwazi namakhono adingekayo ekuphathweni komhlaba.
Abamele ama-CPA abazothumela imininingwane yabo bazokwaziswa ngosuku lokwethulwa kwalolu hlelo nangendlela yokuthola la mathuluzi.
IZINSELELE ZOKUPHATHWA KOMHLABA ZIVIMBA INQUBEKELA PHAMBILI
Lolu hlelo luza ngesikhathi izinhlangano eziningi eziphethe umhlaba womphakathi zisabhekene nezinselele zokuphatha nokusebenza ngendlela efanele.
Ngokombiko woMnyango Wezokubuyiselwa Komhlaba Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya wonyaka wezimali ka-2023/2024, amaphesenti angu-82 ezinhlangano ezingu-1 700 ezibhalisiwe ezweni lonke atholakala engahambisani nezidingo zoMthetho olawula ama-CPA.
Lokhu kukhombisa ukuthi kusenomsebenzi omkhulu okufanele wenziwe ukuqinisekisa ukuthi umhlaba obuyiselwa emiphakathini uphathwa ngendlela efanele.
Imibiko eyahlukene, okuhlanganisa umbiko weHigh-Level Panel owaziwa ngeMotlanthe Report, kanye nombiko wePresidential Advisory Panel on Land Reform, iveze izinkinga eziningi ezibambezela ukubuyiselwa nokusetshenziswa komhlaba.
Phakathi kwalezi zinkinga kubalwa ukungabi namandla anele kukahulumeni okuqhuba izinhlelo, ukungaphathwa kahle kwezinhlangano, inkohlakalo, ukuhlomula kwabantu abambalwa abanethonya, ubuthakathaka bemithetho, ukungacaci kwezinhloso zokubuyiselwa komhlaba, ukushoda kwezimali kanye nokuntuleka kosizo emiphakathini ngemva kokubuyiselwa komhlaba.
Lezi zinselele ziyaqhubeka nokuphazamisa izinhloso zohlelo lokubuyiselwa komhlaba eNingizimu Afrika.
UKUPHATHWA KAHLE KOMHLABA KUNGAVULA AMATHUBA OMSEBENZI
Isikhulu esiphezulu seVumelana Advisory Fund, uPeter Setou, sithe sebebonile ukuthi izinkinga eziningi ezibhekene nama-CPA zisukela endleleni lezi zinhlangano eziphethwe ngayo.
USetou uthe ukubhekana nezinselele zokubuyiselwa komhlaba kudinga ukubambisana kwezinhlaka ezahlukene.
Ugcizelele ukuthi abantu ababuyiselwa umhlaba akufanele bagcine ngokuwuthola kuphela, kodwa kufanele bahlonyiswe ngolwazi, amakhono nezinsiza ezizobasiza ukuba bawusebenzise ngendlela enenzuzo.
Ngokusho kwakhe, kubalulekile ukuthi izinhlangano zithole ukwesekwa nangemva kokuba umhlaba usubuyiselwe kubanikazi bawo.
Ukuphathwa kahle komhlaba kungasiza ukuheha abatshalizimali, kwakhe ubudlelwano namabhizinisi, kuvuleke amathuba emisebenzi futhi kutholakale imali ezohlomulisa amalungu omphakathi.
USetou ukhuthaze ama-CPA ukuba abambe iqhaza kulolu hlelo ngoba lumahhala futhi lwenzelwe ukuwasiza ekuphathweni komhlaba obuyiselwe emiphakathini.
AMATHULUZI AZOSIZA AMA-CPA EKUSEBENZENI KWANSUKU ZONKE
Kusukela ngonyaka ka-2012, iVumelana ibisebenzisana nezinhlangano eziphethe umhlaba kanye nemiphakathi ehlomule ezinhlelweni zokubuyiselwa komhlaba.
Ngalesi sikhathi, le nhlangano ithole ulwazi olunzulu ngezinselele ezibhekene nale miphakathi.
Amathuluzi amasha azogxila emikhakheni eyisishiyagalombili ebalulekile:
- Ukulungela ukusebenza: Ukuqinisekisa ukuthi inhlangano inazo zonke izinto ezidingekayo ukuze isebenze kahle.
- Ukuphathwa kwenhlangano: Ukuthuthukisa ubuholi, ukubekwa kwezinqumo nokulandela imithetho.
- Ubulungu: Ukugcina imininingwane yamalungu nokuvikela amalungelo awo.
- Ukuphathwa kwabasebenzi: Ukuqinisekisa ukuthi abasebenzi baphathwa ngendlela efanele.
- Ezokuphatha: Ukugcina amarekhodi, imibhalo nemininingwane yenhlangano.
- Ukuphathwa komhlaba nempahla: Ukuvikela nokusebenzisa kahle umhlaba nezinye izimpahla zomphakathi.
- Ukuphathwa kwezimali: Ukuhlela izabelomali, ukugcina amarekhodi nokusebenzisa imali ngendlela efanele.
- Ukwabiwa kwezinzuzo: Ukuqinisekisa ukuthi amalungu athola izinzuzo ngendlela enobulungiswa.
La mathuluzi azohlanganisa amafomu, izinhlu zokuhlola, izinqubomgomo, amarejista kanye nezibonelo ezingasetshenziswa izinhlangano ngokwezidingo zazo.
IVumelana iphinde isungule inkundla ye-inthanethi ezokwenza ama-CPA akwazi ukuthola nokudawuniloda la mathuluzi.
Kulindeleke ukuthi le nkundla iphinde ibe nohlelo olusebenzisa ubuhlakani bokwenziwa, i-Artificial Intelligence (AI), oluzosiza abasebenzisi ukuthola ulwazi nesiqondiso ngendlela elula.
KUMENYWA WONKE AMA-CPA AKWAZULU-NATALI
IVumelana Advisory Fund inxusa zonke izinhlangano eziphethe umhlaba womphakathi KwaZulu-Natali ukuba zibhalise imininingwane yazo ngaphambi kokwethulwa kwalolu hlelo.
Lesi simemo sibhekiswe nakulezo zinhlangano ezingakaze zisebenzisane neVumelana phambilini.
Imininingwane okufanele ithunyelwe ihlanganisa:
- Igama lomuntu omele inhlangano.
- Igama le-CPA.
- Amagama nezikhundla zamalungu ekomidi eliphezulu.
- Isifundazwe inhlangano etholakala kuso.
- Ikheli le-imeyili.
- Inombolo kamakhalekhukhwini.
Imininingwane ithunyelwa kuleli kheli le-imeyili:
info@vumelana.org.za
Abazothumela imininingwane bazothola izindaba mayelana nokwethulwa kohlelo kanye nendlela yokuthola amathuluzi amahhala.
Ephetha, uSetou uthe inhloso yabo ukusiza izinhlangano ukuba zithuthukise ukuphathwa kwazo nokusetshenziswa komhlaba, ukuze umhlaba obuyiselwe emiphakathini ukwazi ukukhiqiza, udale amathuba omnotho futhi uhlomulise amalungu ezinhlangano kanye nezwe lonke.
.

