Ukubaluleka kokuqaphela intando yeningi
Maduze nje iNingizimu Afrika izobe ibungaza iminyaka engamashumi amathathu (30) yonke yathola inkululeko, emuva kweminyaka ibuswa uhulumeni wengcindezelo lapho izakhamizi zabe zincishwe amalungelo. Okungakho izakhamizi kumele zithi ukuma kancane zibheke emuva lapho zisuka khona. Nakuba uhulumeni enze konke okusemandleni ukusungula imithetho kanye nezikhungo zokuvikela amalungelo ethu esiwazuze kanzima, kodwa
kusekhona ingozi enyonyobela entando yeningi eqonde ukunqinda amandla oMthethosisekelo kanye nezikhungo okumele ngabe ziyaweseka.

