Intombi yeKhaladi ifisa ukuba umsakazi eziteshini ezinkulu ezifana noKhozi FM

UNompumelelo Sthembile Nzima Odume ngeGama Lika-Sharon Intombi Ye Coloured Ongumculi wesgospel Maskand NamaPiano Wakhipha 2019 Album Isihloko: Ungibhekile Waphinda Wakhipha Ngonyaka Ka 2022 Single YamaPiano Ishloko:PHANDA Eyaduma kakhulu yaze yaqokwakuma MBF (Awacebe Amaciko noMLWAZET yadla umhlanganiso yawina kwi Best Upcoming Amapiano Waphinda ngawo unyaka 2022-Disemba Wakhipha EP Isihloko Lishonile Ilanga Eza Kahle Kakhulu kuYoutube waphinda wakhipha iSingle ngo 2023 esihloko Summer Time Sharon Intombi Ye Coloured Ft DaMoose & Bobzin.

usengumsakazi we Abusekho UBUNZIMA CHRISTIAN RADIO wenza Uhlelo lwe Weekend Chillout ngeMgqibelo phakathi kuka 9am -12 Emini

Continue reading

Kunokukhathazeka ngamanani aphezulu omfaniswano wezingane zesikole

Iqembu leNkatha Freedom Party KwaZulu-Natali selizwakalise ukukhathazeka kwalo mayelana namanani asezingeni eliphezulu emifaniswano yesikole. Lokhu kuza emuva kokuthi iningi labazali bezingane nabo bezikhalela ngamanani aphezulu lokhu okudalwa ukuthi izikole zenze izivumelwano nezitolo ezithile noma nazo izikole okugcina kuphoqa abazali ukuthi bakhokhe amanani aphezulu

Continue reading