Owami umbono uthi, amalungelo ethu ayahlonishwa, siyanakekelwa njengezingane sifunde, sivote, sizizwe zinesithunzi sokuba umhlali onethezekile ezwenikazi.
Indaba ishitsha ngesikhathi isekujika abantu sebesebenzisa amalungelo ngendlela engalungile njengokuthi ingane ayishawa, wayishaya uyaboshwa lento esinika ukudideka ngoba thina sasishawa singathathi sinyathelo. Namuhla izingane zilwa nothisha, zishaya abazali bazo ngenxa yokusebenzisa amalungelo ngendlela engalungile okuyikho okudala izinkinga ezikhona namuhla ezweni