Uhambo oluya eQatar lusho lukhulu kuRulani

ESITHOMBE: Urulani Mokwena onguMqeqeshi weMamelodi Sundowns FC

SAMUKELISIWE MBONAMBI

UMqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena, uchaze uhambo lwabo lwaseQatar njengolube  yimpumelelo  njengoba bebuye sebehlome kakhudlwana.UMokwena, Manqoba Mngqithi, Steve Komphela kanye nabanye abasebenzi bezobuchwepheshe, bajabulele imidlalo esezingeni eliphezulu ngesikhathi seNdebe Yomhlaba yeFifa eqhubekayo eQatar.

Ingxenye yohambo lwabo lwaseQatar bekuwukuhlomisa ithimba lochwepheshe beSundowns ngolwazi ngokubuka amaqhinga ahlukene asetshenziswa abaqeqeshi abehlukene ezingeni eliphezulu, noMokwena obebonakala ezinkundleni zokuxhumana ephethe ibhukwana ebhala kweminye yemidlalo.

Uthe bafunde lukhulu futhi bazozisebenzisa ezinye izinto uma sekuqala kabusha iDSTV Premiership ekupheleni kwale nyanga. “Kumele  sibonge  iqembu, ibhodi kanye nomndeni wakwaMotsepe ngokusinika ithuba eliyingqayizivele lokusithumela ohambweni singaziboni nje siqopha umlando ekhaya , kodwa sifunde nakubaqeqeshi abahamba phambili, abadlali bebhola abahamba phambili basemazweni ahlukene kanye nemiqondo eyehlukene yokudlala ibhola.”

“Sithole ithuba lokubuka imidlalo engu-17 ezinsukwini ezinhlanu, kuyinto enzima kakhulu ukuya emidlalweni emine ngosuku kodwa into esikwazile ukuyenza nethimba labaqeqeshi”kusho uMokwena.

“Ngokombono wezemfundo, bekukuhle kakhulu. sihlangana nomqeqeshi wase-USA uGregg Berhalter, sibonga nomqondisi wezemidlalo weDowns uFlemming Berg ngokusebenzisa abantu abaziyo sikwazi ukuthi sihlangane nabanye abaqeqeshi. Ukufingqa uhambo, lube yimpumelelo enkulu,” kuphetha uRulani.