
SHEILA MHLONGO
Uhambo lukaNksz Samukelisiwe Magoso belungelula neze njengoba ekwazile ukunqoba ukungakwazi ukuhamba waze waphothula iziqu ze-Master’s kwezeSports Science (Biokinetics).
Ekhulela emagqumeni athule aseMakholweni emakhaya KwaZulu-Natal (KZN), wazibonela mathupha ukuhlupheka kwabantu abaphila nokulimala, ikakhulukazi ubuhlungu bomhlane ongezansi (LBP), ngaphandle kokuthola ukunakekelwa okufanele.
Kodwa wayengakaze acabange ukuthi ngesikhathi enza ucwaningo ngalolu daba, naye uzogcina ebhekene nesimo esifanayo.
Okwakuqale njengobuhlungu obuncane emhlane ngesikhathi enza i-Honours yakhe, kwagcina sekukhula kwaba yisimo esibucayi kakhulu. Maphakathi no-2023, ngesikhathi efundela iziqu zakhe ze-master’s, ubuhlungu baba bukhulu ngendlela engabekezeleleki. Kwabe sekufika ushintsho olushaqisayo: ukulaliswa esibhedlela, ukukhubazeka, kanye nokutholakala kwesifo esiyingozi empilweni – isimila esikhulu samathambo i-aneurysmal bone tumour sase sonakalise ithambo lomgogodla i-T4, sacindezela izinzwa zomgogodla. Umzimba wakhe waqala ukwehluleka ukusebenza.
Amaphaphu akhe, izinso nenhliziyo kwathinteka. Walahlekelwa amandla okuhamba. Odokotela babengenaso isiqiniseko sokuthi uyophinde akwazi yini ukuhamba futhi. Kodwa noma wayesebumnyameni obukhulu kangakanani, uMagoso wenqaba ukudela.
Mhla ziyi-12 kuNdasa 2024, wahlinzwa amahora ayisishiyagalolunye ukuze kususwe isimila futhi kwakhiwe kabusha umgogodla wakhe kusetshenziswa izinsimbi ze-titanium kanye nokufakelwa kwamathambo. Uhambo lokululama lwalunzima kakhulu: izinyanga esibhedlela, inyumoniya ebucayi, kanye neqiniso elibuhlungu lokukhubazeka. Kodwa walwa.
Ngokwesekwa ngumndeni wakhe, odokotela abazimisele kanye namaqembu okuvuselela impilo, waqala kabusha ngezinyathelo ezincane kakhulu: ukuphenduka embhedeni, ukuhlala, kanye nokuzihambisa ngesihlalo esinamasondo. Usuku nosuku, wazakha kabusha. Esebenzisa ulwazi lwakhe kwi-biokinetics kanye nesipiliyoni sakhe sokusebenza nezingane eziphila nokukhubazeka, wazenzela indlela yakhe yokululama. Ekugcineni, wahamba futhi.
Naphezu kwazo zonke izingqinamba, uMagoso wakwazi ukuphinde ahambe. Nakuba esaphila nobuhlungu kanye nemingcele ethile, namuhla umi njengobufakazi bokuthi umuntu anganqoba noma yiziphi izinselelo.
Ucwaningo lwakhe lwe-master’s kwezeSports Science (Biokinetics), olunesihloko esithi ‘Profile, Classification and Care of Lower Back Pain among Rural Communities in a Public Health Facility in KwaZulu-Natal, South Africa’, lungolunye locwaningo lokuqala olwenziwe ezindaweni zasemakhaya kakhulu.
UMagoso wathola ukuthi ubuhlungu bomhlane ongezansi emakhaya aseKZN abugcini nje ngokuba baningi abantu ababhekene nabo, kodwa futhi abuqondwa kahle futhi abelashwa ngendlela efanele. Iningi labantu abahlushwa yibo lalineminyaka ephakathi kwengama-50 nengama-59, futhi abaningi babephila nobuhlungu obungapheli iminyaka eminingi, kwesinye isikhathi amashumi eminyaka. Abesifazane, ikakhulukazi abasebenza imisebenzi enzima yezandla, babephesheya kakhulu kule nkinga. Abaningi babo babengakaze bathole ukuhlolwa okusemthethweni, futhi naphezu kokukhubazeka okukhulu, amathuba okuthola ukwelashwa ayehlala elinganiselwe.
Ucwaningo lukaMagoso aluzange lugcine ngokubhala ngobuhlungu; lwanika lobo buhlungu izwi. Lwagqamisa isidingo esiphuthumayo sokuhlolwa kusenesikhathi, ukufundisa umphakathi, ukuqwashisa ngezindlela ezifanele zokusebenza, kanye nokwelashwa okuhlanganisa imikhakha eminingi yezempilo. Umsebenzi wakhe wabeka isisekelo sezinhlelo zokungenelela kwezempilo emiphakathini enganakekelwa ngokwanele.
Impumelelo yakhe ingaphezu kwezifundo; iwukunqoba ubunzima, umgubho wokubekezela, kanye nesethembiso emiphakathini ayimele.
Namuhla, uMagoso usebenza njengomxhumanisi nomgqugquzeli eSkills Development Institute for Physical Education, kanti futhi ubambe isikhundla sobuholi njengeSport Scientist Senior Manager esiFundeni sase-Ugu KwaZulu-Natal.
Uphupha ngokuthi ngelinye ilanga athole isiqu sokuthi “Doctor”. Futhi uma kubhekwa indaba yakhe, akukho kungabaza ukuthi uzokufeza lokho.
Eqiniswa ukholo, esekelwa ngumndeni wakhe futhi eqondiswa inhloso, uMagoso uqhubeka nokudlulisa umlayezo onamandla othi:
“Amandla awukhona ukungabi nezinkinga, kodwa isibindi sokuphakama futhi futhi, noma impilo izama kangaki ukukuwisa.”
Umthwebuli wezithombe: uSethu Dlamini
Isithombe: UNksz Samukelisiwe Magoso unqobe zonke izingqinamba njengoba ethole iziqu zakhe ze-Master’s kwezeSports Science (Biokinetics).

