
Umfundi wase UKZN uNksz. Chwayita Momoza ozomela iNingizimu Afrika
• UNksz Chwayita Momoza uqokwe ukuthi amele iNingizimu Afrika emncintiswaneni wamazwe omhlaba wabafundi abasungula amabhizinisi (.International Student Entrepreneurship Competition)
• Lo mncintiswano ozobanjelwa eKapa kule nyanga uzohlanganisa abafundi abanobuhlakani obuvelele kwezamabhizinisi abavela eMiddle East, ePakistan nase-Afrika.
• Lo mfundi ongumnikazi ngokuhlanganyela webhizinisi lokudayisa ifenisha nge-inthanethi ubheke ngabomvu ukufunda nokuzuza kulolu hambo.
Umfundi waseNyuvesi yaKwaZulu-Natali (UKZN), uNksz Chwayita Momoza, uqokwe ukuthi amele iNingizimu Afrika emncintiswaneni i-Middle East, Pakistan and Africa (MEPA) Student Entrepreneurship Competition.
Lo mncintiswano uzobanjelwa eKapa kusukela mhla zingama-27 kuya zingama-28 kuNtulikazi, lapho kuzohlangana khona osomabhizinisi abangabafundi abangaphezu kwama-20 abahamba phambili abavela kulezi zifunda, bezoncintisana ukuze bathole ithuba lokudlulela kowamanqamu womhlaba.
UMomoza, ongumnikazi ngokuhlanganyela webhizinisi lokudayisa ifenisha nge-inthanethi, udlule emizuliswaneni emithathu yokuhlunga okubalwa kuyo owaseNyuvesi, oweSifundazwe kanye nowe-Global Student Entrepreneur Awards (GSEA) South Africa National Competition, ngaphambi kokufinyelela kulo mqhudelwano we-MEPA.
Uthe ukunqoba emqhudelwaneni kazwelonke nokukhethwa njengomunye wabantu ababili kuphela abazomela iNingizimu Afrika emncintiswaneni we-MEPA bekuyisikhathi angasoze asikhohlwa, njengoba kuhlonishwe umsebenzi omkhulu awenzile ekwakheni ibhizinisi lakhe ngesikhathi eqhubeka nezifundo zakhe.
UMomoza ufundela iziqu ze-Computer Science and Information Technology, futhi uthi lezi zifundo zimfundise ukucabanga ngendlela ehlelekile nokwakha izinhlelo ezingakhuliswa kalula.
“Kusukela ekuhlaziyeni imininingwane, ukuthuthukisa izindlela zokusebenza, ukuqonda izinkundla zedijithali kanye nokuhweba nge-inthanethi, amakhono engiwathole ezifundweni zami zeBachelor of Science abe negalelo elikhulu endleleni engiphatha futhi ngikhulisa ngayo ibhizinisi lami,” kusho yena.
Odabuka eMatatiele, eMpumalanga Kapa, uMomoza uthe wabona igebe emakethe yaseNingizimu Afrika yokudayisa ifenisha nge-inthanethi. Ngenxa yalokho waqala leli bhizinisi ngenhloso yokuxazulula izinkinga amakhasimende ayevame ukubhekana nazo, okubalwa ukulethwa kwezimpahla okungathembekile, ikhwalithi engalingani, imikhiqizo efika ilimele kanye nenkonzo engemihle ngemva kokuthenga. Inhloso yakhe kwakuwukwakha uhlobo lwefenisha amakhasimende angalethemba.
Ibhizinisi lakhe lisebenzisa indlela ehlanganisa ukukhiqizwa kwemikhiqizo lapha eNingizimu Afrika, ukuthengwa kwemikhiqizo kwamanye amazwe kanye nokuhweba nge-inthanethi. Njengamanje liqashe abantu abayisikhombisa.
“Sisebenzisana nabakhiqizi abanamakhono ukuze sikhiqize ifenisha esezingeni eliphezulu, siphinde sithenge neminye imikhiqizo ehambisana nayo phesheya kwezilwandle,” kusho uMomoza. “Mina ngengamele isu lebhizinisi, ukwakhiwa komkhiqizo, ukumaketha, ukusebenza kwansuku zonke, ezokuthutha, ukunakekelwa kwamakhasimende kanye nokuthuthukiswa kwebhizinisi ukuze siqinisekise ukuthi amakhasimende ethu athola imikhiqizo esezingeni eliphezulu kanye nenkonzo esezingeni.”
Ibhizinisi lasungulwa ngoNtulikazi wezi-2025, futhi selineminyaka eyodwa kuphela lisebenza. Nokho, selikhule kakhulu, lanweba uhla lwemikhiqizo yalo, lavula indawo yalo yokuqala yokugcina impahla, laqinisa izindlela zokulawula ikhwalithi, futhi selikhiqize imali engenayo engaphezu kuka-R700 000.
UMomoza uthe ungenele umncintiswano we-MEPA ngenxa yegama lawo elihle lokuhlanganisa osomabhizinisi abangabafundi abathembisayo emhlabeni.
“Lo mncintiswano unginika ithuba eliyingqayizivele lokuhlola ibhizinisi lami ezingeni lomhlaba, ukufunda kosomabhizinisi abanamava, ukuthola ukuqondiswa ngabachwepheshe, kanye nokukhula njengomuntu nanjengosomabhizinisi.”
Uthe unethemba lokuthi lo mncintiswano uzosheshisa ukukhula kwebhizinisi lakhe ngokumvulela amathuba okuqondiswa ngabaholi bamabhizinisi, ukuthola ulwazi lwamazwe ngamazwe, ukuxhumana nabaholi bamabhizinisi emhlabeni kanye nokwakha ubudlelwano obuzohlala impilo yonke.
UMqondisi Omkhulu woPhiko Lwezobudlelwano Benyuvesi, uDkt Normah Zondo, uhalalisele uChwayita ngale mpumelelo enkulu.
“Kuyasigqaja kakhulu ukubona omunye wabafundi bethu encintisana nabanye osomabhizinisi abasebasha abathembisayo emhlabeni. Uhambo lukaChwayita lukhombisa ubuhlakani, ukubekezela nomoya wobusomabhizinisi esifisa ukuwukhulisa kubafundi bethu. Siyamhalalisela ngaleli thuba elihle lokumela i-UKZN kanye neNingizimu Afrika ezingeni lomhlaba.”
Ikhishwe yi:
UMnyango Wezobudlelwano Benyuvesi (Corporate Relations Division)
INyuvesi yaKwaZulu-Natali (UKZN)

