IMeya u-Xaba uthumele ithimba lochwepheshe elizokweseka amaphrojekthi okwakha esontweni laseShembe

Ithimba ebelihlola umonakalo odalwe ukudilika kothango emagcekeno ebandla lakwaShembe eNanda

SHEILA MHLOMGO

Ngemuva kwesigameko sokuwa kodonga eSontweni lamaNazaretha eBuhleni Village, uMeya weTheku, uKhansela Cyril Xaba, usethumele iqembu lochwepheshe elizobhekelela futhi lisekele wonke amaphrojekthi okwakha aqhubekayo emagcekeni esonto.

Lesi sinyathelo silandela ukuwa kodonga ekuqaleni kwaleli sonto okushiye abantu abayisishiyagalombili belimele.

UMeya uXaba uvakashele isonto izolo ebusuku ephelezelwa yiPhini leMeya, uKhansela Zandile Myeni, amakhansela kanye nabaphathi abakhulu bakaMasipala, ngenhloso yokwethula leli qembu elakhiwe ochwepheshe bemikhakha eyahlukene. Leli qembu lizosebenzisana eduze nobuholi besonto ukuze kuqiniswe ukuthotshelwa kwemithetho yokwakha kanye nezindinganiso zokuphepha.

Ubuholi besonto bamukele ngenjabulo ukungenelela kukaMasipala futhi bazibophezela ekusebenzisaneni neDolobha ukuze kuqinisekiswe ukuthi izigameko ezifana nalesi aziphinde zenzeke esikhathini esizayo.

Iqembu lochwepheshe lizohlinzeka ngosizo emikhakheni yokwakha, ubunjiniyela, ukuhlolwa kwezakhiwo, izinsiza zezimo eziphuthumayo kanye nezinye izindaba zobuchwepheshe, ukuze kuqinisekiswe ukuthi wonke amaphrojekthi ahambisana nemithetho nemigomo yokwakha kanye nezokuphepha esebenzayo.

Ekhuluma ngesikhathi evakashele isonto, uMeya uXaba uzwakalise ukubonga ngokuthi akukho muntu oshonile kulesi sigameko.

“Nakuba sidabukile ngalesi sigameko esingesihle, siyabonga ngokuthi akukho mpilo elahlekile. Imicabango nemithandazo yethu ihlala ikubantu abalimele kanye nemindeni yabo,” kusho uMeya uXaba.

UMeya uthe ukuvakasha kukaMasipala kuwubufakazi bokweseka iSonto lamaNazaretha futhi kuqinisekisa ukuzibophezela kweDolobha ekuqhubekeni nokweseka ibandla, ngesikhathi kuqiniswa nezindlela zokuphepha ukuze kugwenywe izigameko ezifuze lesi.

Ugcizelele ukubaluleka kokulandela imithetho egunyaziwe yokwakha kanye nezindinganiso zobunjiniyela kuwo wonke amaphrojekthi okwakha.

“Iqembu lochwepheshe lizohlinzeka ngesiqondiso esidingekayo kanye nokuqapha umsebenzi ngoba sifuna ukuqinisekisa ukuthi yonke imisebenzi ihambisana ngokuphelele nezimfuneko zobunjiniyela, ezokwakha kanye nezokuphepha,” kusho uMeya uXaba.

UMeya uphinde wancoma abasebenzi bezinsiza zezimo eziphuthumayo bakaMasipala ngokuphendula kwabo ngokushesha, okusize ekutakuleni abalimele ngesikhathi esifanele kanye nokuqinisekisa ukuthi bathola usizo lwezempilo oluphuthumayo.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *