Ungaphuthelwa ithuba lokungenela umncintiswano wombhaki zinkwa waKwaSnow-Flake Rising Star ovala 31 Agasti

ESITHMBENI: wethulwa okokuqala esifundazweni komncintiswano i-Snowflake Rising Stars

SHEILA MHLONGO

Osomabhizinisi abasafufusa emkhakheni wokubhaka KwaZulu-Natal sebenikezwe ithuba elisha nelijabulisayo lokuguqula uthando lwabo lokubhaka lube ngamabhizinisi anenzuzo, ngokwethulwa okokuqala esifundazweni komncintiswano i-Snowflake Rising Stars.

Ngemuva kwempumelelo yalolu hlelo e-Eastern Cape eminyakeni emibili edlule, iSnowflake isilethe lo mncintiswano KwaZulu-Natal. Ababhaki abasafufusa bazobanga ingxenye yemiklomelo ebiza u-R150 000, ehlanganisa imali engukheshi, ukwesekwa kokuthuthukiswa kwamabhizinisi, ukukhangiswa kwabezindaba kanye nemikhiqizo yakwaSnowflake.

Lo mncintiswano usungulelwe ukuhlonza ababhaki abanekhono nabakhombisa amandla okuba ngosomabhizinisi, bese bexhaswa ngezinsiza, ukukhangiswa kanye nokuzethemba abakudingayo ukuze bakhulise amabhizinisi esimeme.

“Sesizibonele mathupha umehluko omkhulu owenziwe yiRising Stars kosomabhizinisi abasafufusa emkhakheni wokubhaka,” kusho uSibongile Mooko, oyiMarketing Executive kwaPremier FMCG.

“Sijabule kakhulu ngokuletha lo mncintiswano KwaZulu-Natal nokuthola amathalente afihlekile okubhaka akulesi sifundazwe. NgeRising Stars sitshala imali kosomabhizinisi bendawo, sibasiza ukuba baguqule amakhono abo okubhaka abe ngamabhizinisi amancane achumayo.”

Osomabhizinisi abasafufusa emkhakheni wokubhaka abavela kuzo zonke izingxenye zaKwaZulu-Natal bayamenywa ukuba bafake izicelo zokungenela lo mncintiswano ngo-Agasti, ukuze bathole ithuba lokuthuthukisa amabhizinisi abo.

Umncintiswano uvulekele ababhaki abayizimfundamakhwela kanye nalabo abasanda kuqala ukusebenza njengochwepheshe, abaneminyaka engaphansi kwemithathu beqhuba amabhizinisi abo. Uzophetha ngomqhudelwano wokubhaka bukhoma, lapho abazongena kowamanqamu bezokhombisa khona amakhono abo okubhaka, ubuciko kanye namandla abo kwezamabhizinisi phambi kwethimba lamajaji.

Abawinile abathathu bazothola le miklomelo:

  • Indawo yokuqala: U-R20 000 ongukheshi, izinsiza zebhizinisi ezibiza u-R30 000, ukukhangiswa kwabezindaba kanye nemikhiqizo yakwaSnowflake.
  • Indawo yesibili: U-R15 000 ongukheshi, izinsiza zebhizinisi ezibiza u-R30 000, ukukhangiswa kwabezindaba kanye nemikhiqizo yakwaSnowflake.
  • Indawo yesithathu: U-R10 000 ongukheshi, izinsiza zebhizinisi ezibiza u-R30 000, ukukhangiswa kwabezindaba kanye nemikhiqizo yakwaSnowflake.

Ngaphezu kwemiklomelo, abazongena kowamanqamu bazothola ithuba elibalulekile lokukhangisa amabhizinisi abo nokuxhumana nochwepheshe balo mkhakha. Lokhu kuzobasiza ukuba bathathe igxathu elilandelayo ekukhuliseni amabhizinisi abo.

Lo mncintiswano wesekwa yi-Chef Training & Innovation Academy, Professional Chef Academy, The Fusion Cooking School, Tjips & Tjoklits Baking Training, AI Fidaa Foundation kanye ne-Blue-Ribbon Chef School.

Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe ngomncintiswano iSnowflake Rising Stars nangendlela yokungenela, vakashela ku-www.snowflake.co.za/competitions.

Top of Form

Bottom of Form

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *