U-Jordaan no-Zungu embangweni wesikhundla sokuba uPresident we SAFA

Izimbangi ezimbili uDanny Jordaan kanye noSandile Zungu

NOMTHANDAZO MAGOSO

Ushisa phansi umbango kwezebhola likanobhutshuzwayo   eNingizimu Afrika njengoba iSouth African Football Association (SAFA) iqinisekisile ukuthi babili kuphela abazobanga isikhundla sikaMengameli  wenhlangano ngenyanga ezayo.

Ngokusho kukaSihlalo weKomiti Eliphethe Ezokuphatha uDkt Victor Mogajane, bobabili laba baqokelwe isikhundla bahloliwe futhi batholakale befanelekile ngokomthetho. “Sithole abaqokiwe ababili esikhundleni sikaMengameli, futhi bobabili bavunyelwe ukungena,” kusho uMogajane.

Yize iSAFA ingakawadaluli ngokusemthethweni amagama, kuyaziwa ukuthi kuzodlana imilala phakathi kwenkakha yebhola uDanny Jordaan osalawula le nhlangano kusukela ngo-2013, nomengameli weqembu le AmaZulu FC, usomabhizinisi uSandile Zungu.

UJordaan, oneminyaka engu-74, ufuna ithemu yakhe yesine, kanti usehlangene nokwesekwa yizifunda eziningi zeSAFA. Kodwa ubhekene necala lasenkantolo elithinta ukusetshenziswa kabi kwezimali zeSAFA.

Ngakolunye uhlangothi, uZungu ungena ngomkhankaso oqinile osekwe iqembu elithi Save Our SAFA, esekelwa ngisho yiPhini likaMengameli weSAFA uBennett Bailey ohoxile ukuze amsekele. UZungu uthi ufuna ukubuyisa isithunzi seSAFA nokuletha imibono emisha.

Ukhetho luzoba mhlaka 12 September 2026 eKapa, kanti iFIFA neCAF kulindeleke ukuthi zithumele ababukeli ukuqinisekisa ukuthi konke kuhamba ngokusemthethweni.

Ngubani ozonqoba? Isifunda saseKZN sihlukene phakathi, abane beseka uZungu kanti abayisikhombisa beseka uJordaan. Impi isiqalile!

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *