UNgqongqoshe uButhelezi useyalele uMasipala waseMpendle ukuthi ukhokhe amaholo ezisebenzi emahoreni angu 24

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu. Thulasizwe Buthelezi

SHEILA MHLONGO

ULUNDI – UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu. Thulasizwe Buthelezi, uyalele abaphathi bakaMasipala waseMpendle ukuba baxazulule ngokushesha udaba lokungakhokhelwa kwabasebenzi bakamasipala futhi baqinisekise ukuthi wonke amaholo asele ngaphandle akhokhwa emahoreni angu-48.

Ezwakalisa ukukhathazeka okukhulu ngenhlalakahle yabasebenzi abathintekile, uButhelezi uthe ukwehluleka ukukhokhela abasebenzi amaholo abo kwehlisa isithunzi sabo, kuphazamise ukusebenza kukamasipala kanye nokulethwa kwezidingo emphakathini waseMpendle.

“Akwamukelekile ngokokuziphatha ukuthi abasebenzi basebenze kodwa bangakhokhelwa. Mayelana nalokhu, ngiyalele uMlawuli kaMasipala ukuba aqinisekise ukuthi wonke amaholo asele ngaphandle akhokhwa emahoreni angu-48,” kusho uButhelezi.

I-KZN COGTA ithe isazibophezele ekuqiniseni ukuthathelwa izinyathelo kwalabo abahlulekayo ukwenza umsebenzi wabo, ekubuyiseleni uzinzo kohulumeni basekhaya nasekuqinisekiseni ukuthi ukulethwa kwezidingo kubantu baKwaZulu-Natal kuyaqhubeka ngaphandle kokuphazamiseka.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *