UJulius Malema ube esethola imibono ehlukene mayelana nokuhlongoza ukuthi kuvalwe izwelonke mhlaziwu-10 Mashi kuwolonyaka abanye bakhombise ukumeseka kanti abanye bakhombise ukungayithembi nhlobo lento abeyisho enkulumweni yakhe ukuthi kuzovalwa yonke into ezweni lonke babe sebephawula kanje abantu ezinkundleni zokuxhumana ngemumva kokuthi ekhiphe lombiko emphakathini.

UTshegofatso Mokgethoa uthe: “Siyazi ukubhujiswa okukhulu okudalwa yibona kanye ne-US bafuna ukudida isizwe ukuze nilahle amavoti. Sanikwa uhulumeni obophayo bahlela ukuthi kungakapheli 30yrs uhulumeni awephansi abansundu bathukuthele bagane unwabu nowabo bangafuni lutho ngobumnyama ngoba bazobagada njengezehluleki. Konke okwenzekayo namuhla kuhlelwe yintshonalanga kanye ne-US kudala, bahlela ukuhamba iminyaka eminingi. Uwena wedwa ozoshintsha uhlelo lubheke phansi ukhulule izinkumbi zabantu abampofu balo mhlaba futhi bayakwazi lokho kanti akukhona lokho abakufunayo ngoba uma ukhulula abamnyama abamhlophe ngeke besenza imali eyengeziwe ngabo, ngaphandle kokusebenza kanzima
Lento yeDemocracy uMandela afika nayo ayisasisebenzeli. I-SA idinga imithetho yaseMpumalanga ukuze ilawule uquqaba, awukwazi ukudala imithetho ebuthakathaka esizweni esingaphezu kuka-50million bese ulindela ukuthi wonke umuntu aziphathe thats obvious that everything will get out of control. Umuntu udinga umthetho oqinile ukuze akwazi ukulalela kanjalo nokuhlonipha umthetho, ubugebengu kanye nenkohlakalo ngeke kuphele uma le mithetho ingashintshwa.”

Siyabonga Soldaat: “Siyohlangana ePickett line President ungakhathazeki , amagwala kuphela nama-sellouts angeke abe khona . UMokone siyalungisa siyobe sizokweseka noma kumnyama kubomvu ngeke sihlehle ngalemini kolamula ukuthi kushone ilanga, kuyobakuhle izinqumo zithathwe kusanesikhathi kungabi sengathi asicelanga asiphumeni sonke siyomela izwe lethu nesikwentule akubuyele kithi sicela lokho nje akukho okubi esiza nakho ”

Sizwe Grootboom: “Umongameli we-EFF uyena owagcotshwa konkulunkulu boguquko ukuthi alwele ama-Afrika kanye nabamnyama ikakhulukazi, sisemva kwakho CIC sobe sikanye nawe mholi wethu muhle umbono wakho asiyikhona ukuyochitha igazi kepha siyocela ukuphila okuhle ezwenikazi lase-Afrika kanjalo kuphele bonke lobubha obukhona asidingi zona izimpi kepha sidinga isixazululo sempilo embi esibhekene nayo kulonyaka ka-2023”

