Kushaqe abaningi ukudlula emhlabeni komdlali weStellenbosch FC u-Andries

SAMUKELISIWE MBONAMBI

Kushaqe abaningi ukudlula emhlabeni  komdlali wasemuva osemncane othembisayo weStellenbosch FC nongu kaputeni waseNingizimu Afrika ka-Under 20 u-Oshwin Andries. U-Andries kuthiwa wagwazwa engxabanweni eyenzeke ngesonto eledlule  yize ebeselulama kodwa kubonakala sengathi ushone ngenxa yezinkinga ezihambisana nokulimala.

Umthombo weStellenbosch FC, ongathandanga ukudalulwa igama, uthe u-Andries(19) ube sengxabanweni thizeni kwenye yezindawo eKapa noma ePaarl ebusuku ngemuva kokuthi uStellies ishaye iCape Town City ngo 3-2 emdlalweni wabo weDStv Premiership eKapa ngenyanga eyedlule ngomhlaka 27.

Kusobala ukuthi welashelwa amanxeba njengoba ehambele amaseshini okuqeqesha eStellenbosch ngoLwesibili nangoLwesithathu, ngaphandle kokuqeqeshwa.

“Ubehambahamba futhi ebonakala ephile saka, yize inxeba belibonakala ” kusho umthombo.

IStellenbosch izwe ngokushona kuka-Andries emahoreni ambalwa kuphele umdlalo wabo wokuqala wePremiership bebhekene neChippa United ntambama eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha ngoMgqibelo.

Okhulumela amaphoyisa akwaSAPS, uKaputeni Nowonga Sukwana, uthe amaphoyisa ayaphenya ngokufa kwalo mdlali.

“U-Oshwin Andries ushonele esibhedlela ngo mhlaka 4 Febhuwari 2023, ngoMgqibelo ngo- 9.40pm ngemuva kokuba umndeni wakhe umhambise esibhedlela. Ulashiwe inxeba lokugwazwa wadedelwa kodwa umndeni wakhe uphinde wambuyisela esibhedlela ePaarl. Izimo zokugwazwa kwakhe zisaphenywa,” kusho uSukwana.

U-Andries engukaputeni weNingizimu Afrika kuCosafa U20 Championship iqembu lalala endaweni yesithathu e-Eswatini ngo-Okthoba nyakenye.

Udlale imidlalo eyisishiyagalombili(8)kule sizini u-Andries waphinde waba ngumdlali wokuqala eqembini le Stellenbosch FC ukushaya igoli eneminyaka engu-18.