Imindeni seyahlukana phakathi ngenxa yenkolo

INTATHELI YE-KZN

Angibingelele sizwe sakithi. Ngibhale loludaba ngilusizi ngokubona indlu emnyama ihlukana  phakathi ngenxa yezinkolo , imindeni ihlukana ngenxa yenkolo ngokwehluka kwazo , sekwabalula ukuthi abaholi bezenkolo ngokuhluka kwabo bawehlukanise umndeni ngezimfundiso zabo .

Isonto selifundisa umntwana ukuthi ajikele umzali owamletha emhlabeni ngoba ekholelwa kwabalele futhi afundiswe nokuthi angamsizi umzali uma edinga usizo ngezimali zokwenza umsebenzi ophathelene nenkolelo yakhe yabalele kuthiwe usenikele imali yakhe emadimonini ,imithetho yezinkolelo isidale ukuthi izingane zijikele abazali nezihlobo zegazi, abanye ngoba bekholelwa esintwini bangamfuni owakubo ngoba engumKrestu .

Sizwe esimnyama kungani sivume inkolelo zisehlukanise ngoba ayikho inkolelo enobufakazi ukuthi yiyona elungile kodwa zonke nje yizinto ezithatha ikhethelo lomuntu nothando kuleyonkolelo kodwa igazi yigazi alishintshi futhi akekho owazikhethela umndeni kodwa sonke sayiphiwa nguMvelinqangi lemindeni esinayo?

Asihlanganeni sibuyiseni umoya wobuntu phakathi kwabantu , baholi bezinkolo noma ngabe ukholelwa kuphi kodwa asibe ngabahlanganisi bemindeni exabene singabi ngabaxabanisi bayo, asibeni ngabalamuli bezimpi phakathi kwemindeni sibafundise uthando nobumbano emindenini ukuze bazokwazi ukuthanda omakhelwane babo ngoba uthando luqale ekhaya , asikwazi ukuba nothando lwabomakhelwane singezwani thina endlini eyodwa futhi asikwazi ukumthanda uNkulunkulu singathandani thina sodwa .

Ma-Afrika amahle asithandaneni siyithande nemindeni yethu ngaphandle kokwehlukana ngokwezinkolelo kodwa uthando malukhokhele.