SAMUKELISIWE MBONAMBI
Ukuphumelela kweBafana Bafana kulethe okukhulu ukukhululeka kumqeqeshi weqembu lasekhaya uHugo Broos. Ukudlala ngokulingana kweBafana Bafana emdlalweni wabo neLiberia akuliqedanga umfutho iqembu.
IBafana ihambe phambili ngomzuzu ka-19 eMonrovia ngesikhathi uZakhele Lepasa evalela igoli enethini, kodwa akuphelanga mizuzu emingaki umgadli weLiberia uWilliam Jebor wafaka elokulinganisa.
UMayambela ubuyisele iBafana ebuhleni ngegoli ngomzuzu ka-53 eqedela umnyakazo omuhle kaTau obese eqhamuka ngasophondweni lapho ejwayele ngakhona.
Uthintekile edolweni uMayambela emuva kokushaya igoli indawo yakhe yagcina ithathwa wuBongokuhle Hlongwane, olandelwe wuCassius Mailula, ongenele uTau.
Kulimale uSiphephelo Sithole obedlala kahle esiswini umdlalo usuyela emizuzwini yokugcina eyishumi kwangena uGrant Kekana obese kusho ukuthi uMothobi Mvala usedlala esiswini.
Imizuzu yokugcina bese kuminciwe kwiBafana kwazise iLiberia ibisingena ngamandla kodwa ezikaBroos zabambelela kwaze kwalunga.
Lokhu kusho ukuthi kuleli qoqo, iBafana neMorocco abaya kwi-Afcon. IMorocco izihola phambili ngamaphuzu ayisithupha. Elakuleli linamane. I-Liberia inephuzu elilodwa. IBafana izodlala owokugcina wokuhlunga neMorocco lapha ekhaya ngoJuni.