Bashaya amakhala ngoThabo Bester ongumdlwenguli nombulali kaFacebook

Indaba yensizwa yakuleli esiphenduke undabuzekwayo ngenxa yezinga eliphezulu lobugebengu bayo eyabenza ngaphambi kokuba iyodonsa isigwebo sayo ejele lase Mangaung kanye necala lakamuva lokweqa ejele emva kokuba izenze umuntu ofele ejele ngesikhathi kusha umlilo esitokisini sayo lensinzwa.

Kuzokhumbuleka ukuthi lensizwa yaboshwa yagwetshwa ngamacala okuyenga amantombazana, iwadlwengula kanye nelokubulala omunye umuntu wesifazane.

Lensizwa kuthe isadonsa isigwebo sayo, yona kanye nesinqanda mathe sayo uDktl. Nandipha Magudulela bakha itulo lokuthi yeqe ejele, okusolwa ukuthi basizwa abasebenzi abathile ejele. Ngokwemibiko yabezindaba kuvela ukuthi lesigameko sokweqa senzeka ngonyaka ka 2022 nokulapho kwaphuma umbiko wokuthi uBester ushe waze wafa, kodwa emva kwendaba kwatholakala ukuthi kushiswe isidumbu somunye umuntu, okuyinto efihlakele kwaze kwaba indaba ivezwa abe Ground-up nabo bepotshozelwa umfowabo kaDktl, Magudulela.

Emva kwezinyanga eziningi  yeqa ejele lensizwa abe Ground-Up baqhubeka benza uphenyo lwabo futhi lensizwa isibonakala ikhululekile ezinxanxatheleni  zezitolo ezinkulu zase Gauteng futhi ihlala endaweni yabadla izambane likapondo kubonakala nje ukuthi imali ithi tata.

Ukuputshuka kwezindaba zokubonakala kuka Bester ehamba nesinqanda mathe sakhe uMagudulela ikona okudale ukuthi baphume ngesamagundane emzini ababeqashe kuwona beqa balibhekisa eZimbabwe badlula baya kozama ukubhaca ezweni laseTanzania, lapho bebanjwe khona bengenawo amaphepha aqondile okuba kulelizwe.

Ukubanjwa kwayo lensizwa kube sekusabalaka izwe lonke kanye nasezinkundleni zokuxhumana kwazise abombutho wezamaPhoyisa akuleli nawo abesephume umkhankaso wokufuna lezinqanda mathe zombili. Kodwa ke bantu bengayi ngenxanye bengamanzi kukhona abazwakalise ukuyishayela amakhala lendaba bekhala ngokuthi lensizwa ebonakala esithombeni sengathi akusiyena uThabo Bester kodwa ibukeka sengathi owomdabu waseNdiya ngisho nangendlela ebigqoke ngayo, okunye ilena yokuthi asikhonjiswanga isithombe sentokazi uMagudulela