Bazihlomulele osomabhizinisi abancane emcimbini we-2023 Business Accelerator koweThekwini Furniture Cluster

THOBILE MBATHA

Kube ithuba eliyingqayizivele kosomabhizinisi abancane  ngesikhathi bethula imisebenzi yabo abayenzayo eyahlukene. Lomcimbi ububanjelwe eTWIMS Toyota Wessel Institute for Manufacturing Studies, 74 Everton Road, Kloof, Durban, KwaZulu Natali mhlaka 19 Ephreli ngoLwesithathu kanti umphathi wohlelo beku Msizi James.

URobyn-Leigh Van Laren kanye noThulisile Mhlongo bekhuluma nephephandaba lomphakathi iKZN Namuhla ebelikhona kuqalwa lomcimbi bathe, inhloso yalomcimbi ukuthi  kuqhakambiswe imisebenzi yosomabhizinisi abancane -SME’s ngokwesekwa izinkampani ezinkulu kanye ne-‘Dragon’s Den. Bechaza.

Kube sekuklonyeliswa abathathu abethule kahle amabhizinisi abo okube, uMnu. Blessing Zondi, weArtisan Furniture and designs, Sibusisiwe Msimanga weThe beanbag Specialist kanye noMikhael Khan oyi Sales and Marketing ohlabene ngemali ewu R15 000 weBest Business Case. uMikhael udlulise ukubonga kubahleli bomcimbi kanye na