INTATHELI YE-KZN
Ziyobe zidlana imilala kowamanqamu weGospel ID izintokazi ezintathu lapho kuzobe kuqhathwe khona uSindi Ngidi, uNeliswa Dlamini kanye noNeli Sikhosana. Lezi zintokazi yizona eziphume phambili emzuliswaneni wokuhlungela owamanqamu emncintiswaneni wokuthungatha lowo ozoba yisihlabani seGospel ID sika-2023, obubanjelwe eStable Theater. Umzuliswano wamanqamu uzoba ngomhla ka-11 Juni eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre.
Lomncintiswano wenzeka minyaka yonke kanti uqhutshwa uPhiko lwezamaPaki, ezobuCiko namaSiko ngaphansi kukaMasipala weTheku. Lezintokazi zidle ubhedu emuva kokuthi kube nomjikelezo wenhlolo khono kwezomculo weGospela obuqhubeka ezindaweni ezahlukene ezakhele iTheku.
Nakuba lezizintokazi ezintathu zidle ubhedu kodwa beliphezulu kakhulu izinga lomncintiswano njengoba iningi belikhombisa ukuzimisela okunzulu.