Ngiyabingelela sizwe sakithi, nalo udaba lomkhuba ozwisa ubuhlungu ushaqise imizimba esesawujwayela, umkhuba wokuhlukumezana ngokothando. Waze wamubi lomkhuba engabe sawuthathaphi wesizwe esimnyama ? Uthando aluhlukumezi futhi alukhalisi kanti aluchithi negazi , engabe lolu esinalo namhlanje saluthathaphi ? Kulula nje kowesilisa ukubulala owesifazane oke wathi uyamthanda wamthembisa izulu nomhlaba bese ngephutha elincane usuyambulala ngesihluku abanye baze bashiswe abanye bacwiywe amalunga emizimba alahlwe ehlathini.
Ingabe yilona uthando wawumthembise lona lolo usumbulala ngesihluku esinjena? Nabesifazane nabo sebaba nesibindi sokubadlisa imithi yokubaphendula iziphukuphuku abesilisa indoda ithi noma ihlezi nezinye izinsizwa ibonakale ithithibele kube nzima nokuphawula odabeni oluxoxwayo, indoda itholakale isimlandelela umkayo naseynhlanganweni zabomama ayisali . Kuseyilona thando lolo sizwe sakithi ?
Abanye besifazane noshevu bayayidlisa indoda ukuze ife bathole izimali zayo eyazisebenzela kabuhlungu kanti futhi amanye amadoda ayahlukunyezwa emoyeni ngoba ewuhlonipha umthetho engathandi ukuhlukumeza ngokwamandla bese ayahlukunyezwa emoyeni . Sengathi singayiyeka lemikhuba sonke akulona uthando lolu kodwa ubudlwembe nje . Asithandaneni ngokweqiniso, uthando lweqiniso luyaxolela, luyamukela futhi luyabekezela .
Obhalayo umfundisi Katlego Nare

