THAMI SHESHANE
ETHEKWINI – Iqalile imidlalo ye World Table Tennis Championship Finals e ICC EThekwini. INingizimu Africa ivule ngomdlalo wokuqala obuphakathi kuka Musfiquh Kalam (21) wase Peutro Rico, kanye no Melanie Diaz (27) oyintokazi yase South Africa ebithwele kanzima kulomdlalo yize kukhona iziwombe lapho ibiqale kahle kakhulu khona ngoba ikhombise umdlandla omkhulu.
Ekhuluma nabezindaba ze KZN Namuhla u Musfiquh uthe yize noma kade eziqeqesha e India isikhathi esingangonyaka kodwa ubenovalo ngomdlalo nokho wathi imthokozisile indlela adlale ngayo yize engawunqobanga lomdlalo kodwa usebheke ama Youth Olympics lapho ezobe ebheke ukunqoba.
“Umdlalo wami wokuqala ubumnandi kodwa ngizizwa engathi ngicekelwe phansi izwe lethu, ngoba imiphumela yalomdlalo isho ukuthi sengiphumile emqhudelwaneni.” Kuphetha uMelanie.
Umqeqeshi wakhe u Graham van As uthe imthokozisile indlela lentokazi esencane edlale ngayo futhi kuningi asakubhekile kuyona.
“Bekungumdlalo wakhe wokuqala njengoba enenyanga eyodwa eziqeqesha kuleli kade ebuya e India kodwa njengomqeqeshi uyakwazi ukubona ukukhula kumdlali singakhohlwa ukuthi sidlala nabantu abenesipiliyoni kulomdlalo, ngiyethemba sizonqoba kowama woman’s doubles.” Kusho u Graham