Ngiyabingelela sizwe sakithi, nginibhalele ngalesixwayiso sobungozi bokungamukeli lokho esinakho kodwa sizihluphe ngesingenakho.
Masizifundiseni ukwamukela esinakho ukuze sikwazi ukuthola esikulangazelelayo. Isizulu sithi “iminwe ayilingani futhi akuvelwa, kanye kanye, njengamadlebe embongolo”, lokho kusho ukuthi amandla wethu asoze alingana namathuba empumelelo yethu asoze avela kanye futhi nempumelelo yethu asoze yalingana.
Kuyingozi ukungamukeli izinga okulo noma izinto onazo ngoba awukuboni nokubaluleka kwazo okungadala ukuthi zikulahlekele kwazona usale ungasena lutho. Asikuqondeni ukuthi izibusiso zethu azilingani kungenzeka ungakuboni ukubaluleka kwento onayo kanti kunomunye oyilangazelelayo kube nzima nokulala ebusuku ecabanga igugu alibona kuwe kodwa wena ungaliboni.
Ukungamukeli okuncane onakho kudala nomona ungagcina ungasabafiseli okuhle abaphambili kwakho ubone abanakho kungabafaneli kufanele wena. Asifundeni ukwamukela esinakho noma ngabe sikubona kukuncane kangakanani asiqondeni kukhona abanye abangenakho, kungaba ukudla noma ungacabanga ukuthi kudelelekile awucabange odla emgqonyeni kadodi ukuthi okwakhe kunjani . Konke esikutholayo sikuphiwa nguMdali kuhle ukwemukela ngenhliziyo ezithokozile ezigcwele nokubonga .
Obhalayo umfundisi Katlego Nare

