Kungakuhle ukuthi abalandelinoma umphakathi uphuthume uziqokele amaCiko azongenela umncintiswano weKZN Namuhla Artisits Awards 2023, kungaze kuhambe isikhathi, njengoba samemezela ekuqaleni kwenyanga kaMeyi ukuthi kulokhu kuzoba izinyanga ezimbili okuyoze kuvalwe ekupheleni kukaJuni.
Ngiyabonga ukuthi bakhona abalandeli abangazibekile neze phansi njengoba sibona sekuvele kukhona amaCiko aqenqeleza phambili ngezinombolo lapha ngibala lawo asemkhakheni wezokusakaza, (Radio) oMaskandi, Hip Hop kanye neGospel.
Kulabo abasacabanga ukuthi baqoke, amaCiko abo abawathandayo, abaphuthume isikhathi siyahamba kanti kulabao asebeqalile abaphuthume banyuse izinga lezinombolo ngoba nizokhumbula phela ukuthi amaCiko azokwazi ukungenela ukuthi avotelwe yilawo azobe enezibalo ezisukela ku-50 kuya phezulu, okuyiwo ayothola umbiko wokuthi aqokelwe amaKZN Namuhla Artistss Awards 2023.
Kuyoba izindaba ezimnandi ukubona isibalo esiphezulu samaCiko ayobe evotelwa njengoba kwenzeka nangonyaka ophelile ka2022, kwaba mnandi ukubona amaCiko ethu asafufusa eqokwe ngobuningi bawo. Kanti nathi siyiKZN Namuhla sojabula kakhulu ukubona lomncintiswano uphumelela ngoba ikona okuyosikhuthaza ukuze singapheli amandla .
Sengiphetha ngithanda ukukhuthaza bonke abalandeli ukuthi baphuthume bathumele imiyalezo yabo ekhasini leFacebook:@KZN Community Newspaper noma kuWhat’sApp namba yephephandaba: 079 467 9297. Lapho bezophakamisa khona igama leCiko, Stage Name, uhlobo lomculo (genre) kanye nenombolo yocingo yalo iCiko. Umlandeli angalibali ukubhala igama lakhe.

