Impela ipolitiki ingakumangaza, futhi sengiyabona ukuthi azikho izitha kulendima
yezepolitiki, ngoba ungaze wethuke ukuthi kuxatshenwe kanti lutho ke kudlalwa umdlalo nje.
Ngibhala lapha nje ngimangele ngoba lowo owabe eyiPhini leMeya kuMasipala weTheku
uMnu Philani Mavundla onguMengameli we Abantu Batho Congress (ABC) usethole
isikhundla sokuba iMeya kuMasipala waseMvoti emva kokuba ngonyaka ophelile esula
esikhundleni sokuba iPhini leMeya yeTheku.
Lesikhundla uMavundla wasithola ngenxa yeqhaza lakhe lokunxenxa amaqembu amancane
ukuthi avote kanye neqembu leANC elalidinga ukwesekwa ukuze liqhubeke ekuholeni
uMkhandlu weTheku.
Kusenjalo uMavundla kuhambe waba nezikhawu zokungatholani kahle neMeya yetheku
mayelana nezinto ezithile njengoba wayephinde abe uSihlalo weNgqalasizinda ngaphansi
koMkhandlu weTheku kodwa nje nalapho wagcina esulile ekubeni ikhansela kanye nokuba
iPhini leMeya emva kokuba futhi kwaba nokungaboni kahle phakathi kwakhe neqembu le
ANC.
Hhayi ke ezakamuva zithi uMavundla uyiMeya yaseMvoti nje ngoba ugqashule ubudlelwane
abenabo ne IFP maqede wazihlanganisa neqembu le ANC elinezihlalo ezingu-9, kuthi IFP
zibe u-10 kanti ezeqembu lakhu zingu 7 njengoba egidlabezwe ngesikhundla sobuMeya
ngaphansi kweqembu lakhe iABC kanti noSomlomo naye ungaphansi kwayo.
IPolitiki ingakumangaza

