Bekuyimpelasonto yemigubho njengoba bekubungazwa ukwethulwa ngokusemthethweni kweNkosi uCele, oyinhloko yoMkhandlu weSizwe sakwaCele (iKTC kafushane) KwaZulu-Natali, okuqale eScottburgh oGwini oluseNingizimu yakwaZulu-Natali. Kuhlangene nendawo yaseMandawe, okungenye yezigodi eziyisithupha ezingaphansi koMkhandlu weSizwe seNkosi.
Kulomcimbi kudluliselwe sipho somhlaba sama hector angu 142 (142ha) yinkampani yonjiniyela abathuthukisa umhlaba ngasogwini, iRenishaw Coastal Precinct Developers, kubandakanya nengxenye engu 10% yalenkampani ethuthukisa umhlaba enikezelwe emkhandlwini ngendlela yokudayiselana, ukuze kube nesiqiniseko sokubandakanyeka komphakathi, ukunethezeka, kanye nobudlelwane obuqhubekayo.
Lomcimbi wokwakha ubudlelwane (networking) walandelwa umgubho wamasiko endabuko endaweni yaseMandawe ngoMgqibelo, lapho uCornel Roodt, oyiMenenja yama Project oKwakha (Construction) neNtuthuko waseRenishaw Coastal Precinct, ethulela iNkosi isipho senkunzi
Ikhuluma emcimbini, iNkosi uCele ithe: “Thina njengabantu bakwaCele, sinosiko olunothile, sinokuzimisela okukhulu siphinde sibe umphakathi onobuntu nowamukela bonke abantu. Konke lokhu kudala amathuba amaningi kwezokuvakasha kanye nentuthuko. Ngiyakholelwa ekugcineni amasiko nosikompilo lwethu – uma amasiko ethu egxilile, nesizwe sethu siyoba namandla. Yingakho nje amasiko ethu eyoba yisisekelo sentuthuko yomnotho wezokuvakasha zethu. Ukuze kufezeke konke lokhu, sidinga ukuthi sibukhuthaze lobudlelwane senzele intuthuthuko kawonkuwonke ebantwini bendawo.”
UBarto van der Merwe, onguMD weRenishaw Coastal Precinct wengeze ngalawamazwi: “Siyazibongela kakhulu ukuthi sibe nani kulomkhosi wokwethulwa ngokusemthethweni kukaNkosi uCele. Lokhu kusinike inkundla yokuthi sethulele umkhandlu kanye nomphakathi waseMandawe imihlomulo emikhulu ezolethwa yinkampani (precinct) kulendawo ngokuhamba kwesikhathi.”
Ngaphezu kwamathuba emisebenzi inkampani (precinct) ehlose ukuwadala, kuyobakhona nezikole nemitholampilo okuyokwenzangcono isimo sempilo salabo abasezindaweni, kanti futhi abathuthukisi bemihlaba (developers) bazimisele ukuthi baseke intsha yomphakathi ngokusungula isizinda semfundo ephakeme eqondene nokuthuthukiswa kwamakhono.
INkampani iRenishaw Coastal Precinct kuhloswe ngayo ukwakha umphakathi onobunikazi bomhlaba obungasetshenziselwa izimo ezehlukene ngekhono labathuthukisi bomhlaba bakwaRenishaw Property Development.
Umhlaba wakaRenishaw Coastal Precinct ongama 1 300-hectare unikeza labo abangabakhi bezindlu amathuba abalulekile, njengoba iziza ezimbili eziku Node 1 sezikulungele ukuthi kungakhiwa kuzona.


