UMasipala waseMpofana uhambisana noNdlunkulu kaZulu ukhuthaze amantombazane ukuthi aziphathe kahle

UMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal ngaphansi kobuholi bukaNgqongqoshe uDkt Ntuthuko Mahlaba ngokubambisana noMasipala waseMpofana kanye neNdlunkulu kaZulu kanye noBukhosi bamaChunu namuhla babambe umkhankaso i-Operation Siyaya eMhlangeni and Moral Regeneration Programme nezintombi eziphuma kuwo wonke uMasipala wesiFunda uMgungundlovu.

UNdlunkulu uMukelisiwe uphelezele uQueen ka Ndlovu emcimbini wokugqugquzela ukuziphatha okuhle entsheni.

UPrincess Mukelisiwe uxwayise izintombi ukuthi ziqaphele abesilisa abangosomathuba abakhohlisa amantombazane angazi lutho ngezinto ezinhle ukuze nje bawawine. INkosazana ixwayise amantombazane ngokunganaki nokubheka phambili kakhulu. Udlame olubhekiswe kwabesifazane nobulili nakho kube phezulu ezingxoxweni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *