NKOSIE NTOMBELA
Kube intokozo yodwa umhleli weMpucuzeko ongaconsi phansi kubathandi baMaskandi uXolani Mcineka ebongwa esaphila.UCevizile Mchunu wenze okuhlokomise inkundla ebigcwele phama abalandeli bakamaskandi kuwumcimbi weMpucuzeko lapho engene esteji wacela uMcineka ukumfaka uphaphe legwalagwala esaphila emubonga ngesistifiketi.
Ezibongela umfoka Gwazela uthe
“Ngithanda ukubonga uCevuzile ngento angenzele yona emcimbini. Ngifikelwe izinyembezi ngoba akujwayelekile ukuthi umuntu kubongwe amagalelo akhe esaphila kepha kukhulunywa ngaye engasasekho kulomhlaba. Lento oyenzile mfoka Mchunu ihambe elide ibanga enhliziyweni yami,nezingane engizizalayo ziyokhula zithi uma zibona odongeni bese ziyabona ukuthi zazizalwa uBaba onjani,uNkulunkulu akubusise kwande konke okwenzayo kwindima yomculo kusho uXolani Mcineka.
Khonamanjalo uCevuzile uthe ubonga ukuthi seloku aqala ukwenza mculo akaze angabikhona kulomcimbi ingako edlulisa ukubonga ngalokhu amuhlonipha ngako umfoka Mcineka.
Bekungunyaka weshumi yabakhona Impucuzeko kaMaskandi njengoba ikade ibanjwe ngoMgqibelo womhlaka 12 Agasti 2023.