I-BET Software isebenzisa umkhankaso  iDare To Dream” ukukhuthaza abesifazane ukuthi bangene emkhakheni weze Computer Technology

Ngokwezibalo abasunguli besifazane beSoftware eNingizimu Afrika, bahola ngaphansi kuka 17%. Lokhu kukhishwe umbiko ka2022 ovela kwi-State Software Developer Nation Report.

Ngonyaka odlule igebe lobulili kumaholo laqala ku 6.4% kubasunguli abaqalayo kwiSoftware, manje seliku 13.2%.

Ngokuqhubeka kolwazi, igebe lobulili kumaholo abasunguli beSoftware eNingizimu Afrika livuleke kakhulu ngamaphesenti, ngisho noma lingazange liqhathanyiswe nokunye.

Ingabe izinkampani zibacwasa ngamabomu abesifazane noma kukhona okunye okwenzekayo?

Esinye sezizathu, kuphawuleka ukuthi abasunguli abesilisa basheshe baqale kunabesifazane ukubhala nokuhlela izinhlelo ezizosetshenziswa kumakhomphiyutha. Uma beshesha abasunguli ukwenza izinhlelo zamakhomphiyutha bahola kakhulu.

Kwenziwa yini ukuthi amantombazane aqale kamuva kunabafana?

Abanye abantu bathi abesifazane ngokujwayelekile abanawo umdlandla wokwenza izinhlelo zamakhomphiyutha.

Noma ngabe kuzanywa ukuthi abesifazane nabesilisa baqashwe ngokulinganayo kwezeTechnology, kodwa abesifazane abawuboni umsebenzi wolwazi ngezinhlelo zamakhomphiyutha ungobahehayo.

Abanye bakholelwa ukuthi ngokobulili kunemisebenzi engenziwa abantu besilisa kuphela, lokho kwenza amantombazane enza lomsebenzi wezinhlelo zamakhomphiyutha abembalwa. Bambalwa abantu abadala abakhuthaza amantombazane ngalomsebenzi, abaningi bakholelwa ukuthi ungowabafana.

Siyini isombululo?

Inkampani yakhona lapha iBET Software ithi isisombululo siwukunikeza imfundaze kubafundi basezindaweni ezisamaphandleni, ukuze basizwe babone ngeso lengqondo ukuthi uyini lomsebenzi wokwenza izinhlelo zamakhompuyutha nokugqugquzela amantombazane ukuthi awufundele lomsebenzi.

uMichael Collins umphathi weBET Software uthi, “Uhlelo lwemfundaze i”Dare To Dream” ukhuthaza izifundo ezihlukahlukene kwiComputer Tehnology. Lokhu kubalulekile iziqu kuComputer Technology zikhuthaza amakhono anjenge Critical Thinking, Problem Solving, nokunye okwenza umuntu ahambisane nalomhlaba weTechnology othuthuka ngokushesha. Uma abafundi befaka izicelo kwiDare To Dream bathola ithuba lokuhlanganyela ekuletheni izisombululo kwizinselele zomphakathi, ezemvelo nezomnotho.”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *